UMQEQESHI weKaizer Chiefs wesikhashana, uCavin Johnson, uthi kube buhlungu ukungashayi kwabo amagoli ngemuva kokuhlulwa okweshumi kule sizini.
IChiefs ihlulwe ngo 1-0 yiRichards Bay ngeSonto eKing Zweltihini Stadium okuyishiya isendaweni yeshumi, ngamaphuzu angu-23 kuMamelodi Sundowns esicongweni, esenemidlalo emithathu esandleni.
Ukujaha kwabo ibhola lezwekazi kubonakala sekuphelile, njengoba kubukeka kuzoba yinkinga kwakuthi bangene emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu ekupheleni kwesizini ka-2023/24, eqale ngoMolefi Ntseki njengomqeqeshi oyinhloko ngaphambi kokuthi uJohnson athathwe njengomphathi esikhundleni sakhe njengeNhloko Yentsha.
IChiefs isishaye amagoli angu-19 emidlalweni engu-24 yadedela amagoli angu-19 kuDStv Premiership kule sizini.
Emidlalweni eyisishiyagalolunye edlaliwe, yehlulekile ukuvalela ngisho igoli elilodwa kweyisikhombisa kuleyo midlalo, yahlulwa imidlalo emine yeligi futhi yakhishwa kuNedbank Cup yiqembu elidlala esigabeni sesibili iMilford.
“Kwezinye izikhathi, sonke asisibona ochwepheshe bezengqondo, singabaqeqeshi nje, abaqeqeshi bebhola, asibona ochwepheshe bezengqondo, kufanele sibabheke, futhi siqonde ukuthi kungani lokhu kwenzeka,” kusho uJohnson.
Lapho ebuzwa ukuthi lokhu kungabi bikho kwemiphumela namagoli kuzwakale kanjani, uJohnson uthe kumphatha kabi njengoba engumqeqeshi othanda ukuhlasela uma enza umsebenzi wakhe.
“Ngingumqeqeshi, kubuhlungu kakhulu. Uma ungumqeqeshi ufuna iqembu lakho lihlale linqoba ngaso sonke isikhathi, kodwa kwesinye isikhathi akwenzeki
“Niyazi ukuthi ngiyinhloboni yomqeqeshi, abaqeqeshi abaningi bathi i-defense iwina iligi, ngicabanga ngendlela ehlukile, kufanele sibe nabahlaseli abangcono kakhulu ukuze siwine iligi.”
IChiefs izobuyela emdlalweni ngoMgqibelo lapho izobhekana khona neSuperSport United e-FNB Stadium inethuba lokubuyela esigabeni esiphezulu.