Isibhedlela esizimele iLenmed Larvena esiseMnambithi osukwini lwayizolo sibe nomcimbi ongumbukiso wokuzithwala kwabesifazane obizwa nge Mertenity Expo. Kuliqiniso elingephikwe ukuthi iningi labantu besilisa alizihlanganisi nezindaba zokuzithwala kwabantu besifazane, yingakho esikhathini esiningi uthole sebehlukana…
ITHI IYOHLUKANISWA WUKUFA I SACP NE ANC
Ligcwale phama ehholo lase Mnambithi i- Indoor Sport Center eMnambithi izolo emgubheni weminyaka eyikhulu (100) yokuzalwa kwalowo owayenguNobhala waMakhomanisi u Moses Mabhida. I South African Communist Party(SACP) iphinde yathula iRed October lapho…
IMIBONO| BAHUBHUZA AMANGA ABANTU EZINKUNDLENI ZOKUXHUMANA
Ngethemba ukuthi sonke silubonile udaba olungundaba mlonyeni kulezi zinsuku lukadokotela mbumbulu woduma lukaTik tok osanda kubanjwa ukuthi akakaze nakanye aqeqeshelwe lomsebenzi kodwa ubelapha inqwaba yabantu abamlandelayo ezinkundleni zokuxhumana. Uma kungukuthi lukweqile loludaba…
KUZOVALWA NGOMUNTU EMNYANGO KOKA OSCAR MBO EVIDA LOCA
Kulindeleke ukuthi kuphume nesinedolo ekhonsathini elindelwe ngamehlo abomvu ezoba sendaweni yobumnandi edumile emnambithi iVida Loca. Lendawo eyaziwa kakhulu ngokuletha osaziwayo abasezingeni eliphezulu ekunombolo 8 Egerton Road edolobheni eMnambithi, izovakashelwa ngumklwebhi wamapuleti odumile…
KUZOBABOMVU IZITALADI NAMUHLA KUMASHA ISADTU KWAZULU NATAL
Uhlabe ikhwelo lemashi kuwo wonke amalungu enyunyana yothisha iSouth African Democratic Teachers Union KwaZulu-Natal uNomarashiya Caluza ongunobhala walenyunyana kulesi sifundazwe. uCaluza obekhuluma izolo ekhasini lalenyunyana kuFacebook uthe, zonke izinto sezimi ngomumo mayelana…
SEZIZOSHESHE ZIYIDLE EKA-RAF IZISULU ZEZINGOZI ZOMGWAQO
Isikhwama esibhekelele izisulu zezingozi zemogwaqo kuleli iRoad Accident Fund ithi ukusuka manje sekuzothatha nje izinyanga ezintathu kuphela ukuthi lowo olimale engozini yemoto athole isinxephezelo sakhe.Lokhu kuvezwe ngesinye sezikhulu eziphezulu kulesi sikhwama uCollins…
LIZOKWAKHIWA IHLANDLA LESITHATHU IBHOLOHO LASE NKUNZI
Umaspala wase Alfred Duma oholwa iMeya IKhansela Zama Sibisi, iKhansela waku Ward 24 u cllr Thembinkosi Ngcobo kanye namakhansela omkhandlu i Alfred Duma bethule ngokusethethweni usonkontileka ozokwakha ibhuloho lase Nkunzi elise sgodini…
BASHAYA AMAKHALA NGEZINQUMO ZIKANONDWEBA KOWE MTN 8
Kuqubuke omunye futhi umsindo ngezinqumo zonompempe emdlawleni wowamanqamu we MTN obuseMoses mabhida Stadium eThekwini ngempelasonto. Lomdlalo obuphakathi kweOrlando Pirates okuyiyona ebivikela isicoco, kanye neMamelodi Sundowns engagayelwa mphako kulezi zinsuku, ugcine unqotshwe ezikamagebhula…
UFIHLWE NGESIZOTHA UMSUNGULI WEBANDLA LAKWASIZABANTU
Uchazwe njengeqhawe ebelibathanda kakhulu abantu uMfundisi Erlo Hartwig Stegen obedume ngelikaStekeni ongumsunguli webandla laKwaSizabantu eKranskop. Izikhulumi ezehlukahlukeni zishiyelane inkundla zikhuluma ngaleliqhawe enkonzweni yakhe yokumphelezela ebibanjelwe khona kwaSizabantu izolo ngeSonto. UStekeni, wedlule emhlabeni…
UCHAZELWE KABANZI NGOKUTSHALWA KUPHINDE KUKHIQIZWE INSANGU UMPHAKATHI WASE BERGVILLE
Sekulokoza inhlansi yethemba ngamathuba emisebenzi emphakathini ikakhulukazi owakhele umasipala uKhahlamba kulandela ukuhamba kahle kwe-Okhahlamba Cannabis Indaba ebibanjelwe Okhahlamba Sport Complex ngoLwesihlanu. UMkhandlu Ukhahlamba oholwa uMhlonishwa Cllr Vikizitha Mlotshwa kanye nabezinhlaka ezahlukene ababhekelele…
BAHLOSE UKUWUKHULISA UMNCINTISWANO WE CHESS KUMASIPALA INKOSI LANGALIBALELE
Ngesikhathi lapho izikole zisemaholidini, abahleli bomdlalo webhodi owaziwa ngeChess eNkosi Langalibalele bathi babone kuyisikhathi esihle kakhulu kubo ukuthi bahlele umncintiswano walomdlalo obandakanya izikole ezehlukene zaseLanga Libalele. Lo mqhudelwano wezikole obungoLwesithathu obubandakanya abantwana…
IMIBONO | SIVUMELANI ABELUNGU BASIDLISE USHEVU
Ukuvukelwa kwemibuso emazweni amaningi asentshonalanga naphkaphakathi nezwekaza i-Afrika kumele kube yisibani esikhanyisela wonke amazwe ase-Afrika ukuthi akuyona yonke into esifundiswa yona yaseNtshonalanga okufanele siyifunde. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, iBurkina Faso, iGuinea, iSudan kanye…