Sekulokoza inhlansi yethemba ngamathuba emisebenzi emphakathini ikakhulukazi owakhele umasipala uKhahlamba kulandela ukuhamba kahle kwe-Okhahlamba Cannabis Indaba ebibanjelwe Okhahlamba Sport Complex ngoLwesihlanu.
UMkhandlu Ukhahlamba oholwa uMhlonishwa Cllr Vikizitha Mlotshwa kanye nabezinhlaka ezahlukene ababhekelele ukutshalwa nokuhweba ngensangu bahlangane namalunga omphakathi anentshisekelo nesifiso sokwazi kabanzi ngokutshalwa kwensangu Inhloso yalomhlangano bekuwukuzocobelelana ngezindlela ezisemthethweni zokutshalwa kwensangu. Kulomhlangano kubuye kwadingidwa kabanzi ngokwehlukahlukana kwezinhlobo zembewu yensangu kwabuye kwacotshselelwana kabanzi ngezindlela zokwenza imali ngayo.
Kwizicukuthwane ebeziyingxenye yalomhlangano kubalwa uNgqongqoshe wezezimali KwaZulu-Natal uPeggy Nkonyeni kanye noDokotela Thandeka Kunene okwikomiti elibhekelele ukutshalwa komthunzi wezinkukhu i-Presidential Cannabis Steering Committee.
Lembizo ilandela ukwethulwa ngokusemthethweni kohlelo lokutshalwa kwensangu olwaziwa nge Nsangu Yokhahlamba olwethulwe ngokusemthethweni ngonyaka ofile. lolu hlelo kuhloswe ngalo ukukhumbula labo abadlula emhlabeni ngezizathu zokuzama impilo ngakho ukutshalwa kwensangu emunyakeni yobandlululo.
Ukutshalwa kwensangu kunomlando omude kulendawo njengoba ngeminyaka yo-1950, ngaphansi kukahulumeni wengcindezelo, kwaba nabantu abadabuka kulendawo abagwetshwa intambo begwetshelwa kona belu ukutshala nokuthengisa umthunzi wezinkukhu.
IBergville ikleliswe yaba ngehamba phambili ngokutholakala kohlobo oluhamba phambili lwensangu. Amalunga omphakathi athe alwemukela ngezandla zombili loluhlelo. Kulindeleke ukuba kusungulwe ama project ahlukene ngokwezigceme lapho abantu bezosebenza ndawonye okuzodala amathuba emisebenzi kuphinde kuxoshe ikati eziko kwabaningi.
Kulindeleke ukuba kuqalwe ukutshala ngenyanga ezayo.