Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UBUSHIRI USESHAYELE U-OMOTOSO NONKULUNKULU IHLOMBE NGOKUNQOBA AMACALA KULELI

Posted on 3 April 2025

UShepherd Bushiri, ongumholi webandla i-Enlightened Christian Gathering (ECG), usezwakalise ukumeseka umfundisi waseNigeria uTimothy Omotoso kulandela ukuphuma kwesinqumo sokutholakala engenacala emacaeni akhe onke abebhekene nawo. U-Omotoso, obebhekene namacala ahlanganisa ukudlwengula, ukushushumbisa abantu, nokuxhaphaza ngokocansi, uphume phambili kulamacala ngoMashi 30, 2025.

UBushiri, owaziwa ngokuba nomthelela omkhulu emphakathini wamaKrestu, uzwakalise ukujabula kakhulu ngalokhu okwenzeke ku-Omotoso. Uveze ukuthi lesi sinqumo siwubufakazi bokwethembeka kukaNkulunkulu futhi uzwakalise ukuzwelana nalabo abeseka u-Omotoso ngesikhathi kuqhubeka icala.

Ekhuluma nebandla lakhe uBushiri ugcizelele ukubaluleka kokuthandazela abaholi bebandla, eveza izingqinamba ababhekana nazo. Uxwayise amakholwa ngokujaha ukwahlulela uma abefundisi besolwa, wawanxusa ukuthi eseke abaholi bomoya ngezikhathi ezinzima.

UBushiri uphinde wancoma ukuqina kuka-Omotoso, wathi ukholo lwakhe olungantengantengi ngesikhathi sokuqulwa kwecala luyancomeka. Ukhuthaze abalandeli bakhe ukuthi baqhubeke nokuthandazela abefundisi emhlabeni wonke ababekezelela ukubhekwa nezinselelo ngesikhathi besakaza ivangeli.

Ukuhoxiswa kuka-Omotoso kudale ukungaboni ngaso linye, abanye bejabulela lesi sinqumo kanti abanye basanokungabaza. Noma kunjalo, ukwesekwa kukaBushiri esidlangalaleni kugqamisa ubumbano phakathi kwabaholi bebandla ababhekene nezimpi zomthetho.

U-Omotoso, ohola ibandla iJesus Dominion International Church, ubonge abalandeli bakhe wagcina emsulwa ngesikhathi kuqhubeka icala.

Recent Posts

  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO
  • KUNCONYWA OWESIFAZANE OQHAMUKE NENDLELA ENTSHA YOKUGUQULA INDLE IBE WUMQUBA
  • USHAQEKILE UMPHAKATHI WASEROSBOM KUNTSHONTSHWA UMTWANA(1) ENDLINI KUBO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme