Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UFIHLWE NGESIZOTHA UMSUNGULI WEBANDLA LAKWASIZABANTU

Posted on 9 October 2023

Uchazwe njengeqhawe ebelibathanda kakhulu abantu uMfundisi Erlo Hartwig Stegen obedume ngelikaStekeni ongumsunguli webandla laKwaSizabantu eKranskop.

Izikhulumi ezehlukahlukeni zishiyelane inkundla zikhuluma ngaleliqhawe enkonzweni yakhe yokumphelezela ebibanjelwe khona kwaSizabantu izolo ngeSonto. UStekeni, wedlule emhlabeni ngesonto eledlule emva kokuhlatshwa wukugula isikhashana.

Lowo owayenguMengameli wezwe uMnumzane Jacob Zuma, ubengabanye abebehambele lenkonzo yomncwabo. uMsholozi uthi uStekeni ubeyindoda eqotho futhi ethanda uNkulunkulu ngenhliziyo yayo yonke. uphinde uhpinde wamchaza njengendoda eneqiniso futhi elimelile iqiniso kwaze kwaba sekugcineni kwempilo yayo.

UNgqongqoshe wezezimali KwaZulu-Natal uNkosikazi Peggy Nkonyeni uthe, uStekeni ubeyiqhawe kwisifundazwe sonke lesi sakwaZulu-Natal. “Umnumzane uStugen ubeyiqhawe elingavumanga ukuthi uhulumeni wobandlulule umsebenzise ukuhlukanisa abantu bakuleli ngokobuhlanga, wama walimela iqiniso, futhi waqhubeka Waphila nabantu abamnyama yize noma umthetho ubungavumi. Ngakho ke silahlekelwe kakhulu siyisifundazwe.” Kusho uNkonyeni.

Inkonzo yakhe yomncwabo ibisaKazwa bukhoma emsakazweni iKhwezi FM nokuwumsakazo owasungulwa nguye ngonyaka ka1995.

Recent Posts

  • ABEZIMOBA BAFUNA UHULUMENI AKHIPHE INTELA KUSHUKELA
  • “LOYA BEKUWUMHLANGANO WONTAMO-LUKHUNI WOKUBUKELA PHANSI ABANTU ABAMNYAMA” – MALEMA
  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme