Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

BASHAYA AMAKHALA NGEZINQUMO ZIKANONDWEBA KOWE MTN 8

Posted on 9 October 2023

Kuqubuke omunye futhi umsindo ngezinqumo zonompempe emdlawleni wowamanqamu we MTN obuseMoses mabhida Stadium eThekwini ngempelasonto. Lomdlalo obuphakathi kweOrlando Pirates okuyiyona ebivikela isicoco, kanye neMamelodi Sundowns engagayelwa mphako kulezi zinsuku, ugcine unqotshwe ezikamagebhula ngamagoli amathathu kwelilodwa sekukhahlelwa amapenadi emva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngeqanda ngapha nangapha emva kwesikhathi esengeziwe.

Abalandeli abaningi beMamelodi Sundowns baphume enkundleni bengeneme neze ngezinqumo zikanompempe obephethe umdlalo uMnumzane Abongile Tom. Abebekhala ngakho kakhulu yizinqumo zakhe abathi bezinokwenzelela phakathi. Lokhu kuze kwafakazelwa ngumqeqeshi wayo iSundowns emva komdlalo uRhulani Mokoena nakubeke kwacaca ukuthi ukube unondweba ubewuphethe kahle lomdlalo, ngabe bawunqobile.

Abalandeli beKabo yellow bakhala ngepenadi abathi kumele ngabe inikezwe iSundowns lapho ibhola liye lashaya engalweni kumdlali weZimnyama uBandile Shandu engaphakathi ebhokisini. Esinye isigameko abathi sishayisa amakhala yilapho unozinti wePirates uSipho Chaine ekhilibhe khona umdlali weSundowns phakathi ebhokisini kepha wathula engathi ufile unompempe.

khona manjalo, kuvele elomhlathi Kubathandi nakubalandeli be orlando pirates ngekathi iqembu labo libuya likwazile ukuvikela lendebe ababeyinqobe ngonyaka owendlule bebhekene naMazulu fc.


Lithe ukwehla ijoka kumqeqeshi wezi mnyama njengoba ezakhe zikwazile ukuvikela. U Jose Riveiro ongowokudabuka ezweni lase Spain uthe into ebasize kulomdlalo obunzima ngenxa yesimo sezulu ebesingesihle ukuthi amaqhinga abafike nawo bawasebenzise kahle ngaphandle kokuxhamazela.

Uthe ngokusho kwakhe kanjalo akaqondile ukuzikhukhumeza kodwa bayazi ukuthi leli yibhola namuhla uyawina kusasa uphinde udliwe. Uphinde wacacisa ngesinqumo abasithatha ngo Chaine kowe Caf njengoba bamukhipha sekuyokhahlelwa ama penalty. Nalapho eveze khona ukuthi iqhinga labo alisebenzanga njengoba babedlala neqembu abangalazi kodwa babethi bazama ukuba thusa ngoOfori benza sengathi uyena oyingozi kuma penalty kodwa ngeshwa, isikhuni sabuya nomkhwezeli.

Ezimnyama zizoke ziqhubeke kahle ne mibhiyozo yazo njengoba bayoze babuyele enkundleni ngomhla ka 24 kwe phezulu bebhekene no Suthu.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme