Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

LIZOKWAKHIWA IHLANDLA LESITHATHU IBHOLOHO LASE NKUNZI

Posted on 10 October 2023

Umaspala wase Alfred Duma oholwa iMeya IKhansela Zama Sibisi, iKhansela waku Ward 24 u cllr Thembinkosi Ngcobo kanye namakhansela omkhandlu i Alfred Duma bethule ngokusethethweni usonkontileka ozokwakha ibhuloho lase Nkunzi elise sgodini sase Sidlabheleni.

Leli bhuloho elizodla imali elinganiselwa ku R6.3 million, lizokwakhiwa izinyanga ezine kanti umsebenzi utholwe inkampani ebizwa ngeZiphonzuzo Trading Enterprise.

Ukhansela uNgcobo udlulise ukubonga egameni lomphakathi waseNkunzi, uqhube wathi ukwakhiwa kwaleli bhuloho kuzokwenza umehluko omkhulu emphakathini waseNkunzi obuba nenkinga enkulu yokuwela umfula ikakhulukazi uma izulu linile. Ikhansela liphinde labongela abantu abayisishangalumbili abaphuma kulendawo abazoqashwa ukulekelala ukwakhiwa kwalelibhuloho.

Umeya u Zama Sibisi uthi cha yena uzoyigada impela lenkampani ethole umsebenzi eNkunzi ukuthi iyawuqeda yini ngoba yena akafuni into eyindendende engapheli futhi uthanda izinto ezise zingeni eliphezulu nezihloniphekile. Uphinde waveza ukuthi kukhona osomabhizinisi bendawo abazohlomula ngalo msebenzi owenziwa eNkunzi.

Imeya uveze ukuthi leli bhuloho selizokwakhiwa ihlandla lesithathu wathi kona kuyihlazo ukuthi kungenziwa into eyodwa kuze kube kathathu yikho nomphakathi ungasethembi lutho ngoba Kade kwasa ubona. Wacela onjiniyela bomkhandlu, osonkotileka ukuthi bawulalele umphakathi ngaphambi kokuqala ukwakha ibhuloho.

Recent Posts

  • ABEZIMOBA BAFUNA UHULUMENI AKHIPHE INTELA KUSHUKELA
  • “LOYA BEKUWUMHLANGANO WONTAMO-LUKHUNI WOKUBUKELA PHANSI ABANTU ABAMNYAMA” – MALEMA
  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme