Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

BAHLOSE UKUWUKHULISA UMNCINTISWANO WE CHESS KUMASIPALA INKOSI LANGALIBALELE

Posted on 8 October 2023

Ngesikhathi lapho izikole zisemaholidini, abahleli bomdlalo webhodi owaziwa ngeChess eNkosi Langalibalele bathi babone kuyisikhathi esihle kakhulu kubo ukuthi bahlele umncintiswano walomdlalo obandakanya izikole ezehlukene zaseLanga Libalele. Lo mqhudelwano wezikole obungoLwesithathu obubandakanya abantwana abangaphansi kweminyaka elishumi nambili (under12) , abangaphansi kweminyaka elishumi nanhlanu( under15) kanye nabaneminyaka engaphansi kwelishumi nesishiyagalolunye ( under19) ububanjelwe edolobheni eMtshezi.

Lomdlalo owaziwa kakhulu njengomdlalo wabantu abakwazi ukucabanga bajule, uzosiza kakhulu ukukhiqiza izinjula buchopho nokungenye yezindlela zokuthuthukisa intsha ukuze izokwazi ukucabanga ngokujula okunobuhlakani.

Umqondisi wezemisebenzi yomphakathi uNksz Z.M Mnyandu uthi lomncintiswano bahlose ukuba wenzeke minyaka yonke ngoba uyabalekelela kakhulu ukugqugquzela abantwana ukuthi basebenzise imitapo yolwazi ukuze benze kangcono ezifundweni zabo. Kuzokhumbuleka ukuthi kulelizwe sibhekene nenkinga lapho kubikwe ukuthi iningi labantwana abafunda ibanga lesine abakwazi ukufunda ngokuqonda. Imincintiswano efuze lena kungenzeka ilekelele ukuphucula lesi simo.

Beziyshumi nantathu izikole ezibe yinxenye yalomqhudelwano kulonyaka, kanti kunethemba lokuthi uma uqhubeka ziningi nezinye izikole ezizoba yinxenye yawo.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme