Isikhwama esibhekelele izisulu zezingozi zemogwaqo kuleli iRoad Accident Fund ithi ukusuka manje sekuzothatha nje izinyanga ezintathu kuphela ukuthi lowo olimale engozini yemoto athole isinxephezelo sakhe.
Lokhu kuvezwe ngesinye sezikhulu eziphezulu kulesi sikhwama uCollins Letsolae. Uletsolae uthi bafinyelele kulesisi sinqumo ngenxa yokuthi babona kukuningi kakhulu okungahambi kahle uma sekumele lowo olimele athole isinxephezelo. Ugxeke kakhulu abameli abangosomathuba abadlala ngabantu belule isikhathi sokutholakala kwemali ukuze bezohlomula kakhudlwana uma isiphuma.
Uzokhumbula ukuthi imali kaRAF ibithatha iminyaka ngaphambi kokuthi iphume, lokhu bekudala ukuthi sithi isisulu siyithola ibe ivele isincane ingxenye eningi isiphelele kubameli.
Lesi sikhwama sithi loluhlelo lwabo olusha luzokwenza ukuthi bazisondelele bona mathupha kwizisuli ukuze zisizakale ngokushesha ngaphandle kokuthi kuze kungenelele abameli.