Iqembu le-ANC namuhla libambe iMini Raly endaweni yaseMnambithi eSteadville. nalapho liqale lenza uhlelo lokungenela umuzi nomuzi( door to door) Ilunga lalenhlangano likhuluma nabantu likhale kakhulu ngabantu abakopela yonke into eyenziwa yiANC libale…
KUYAQHUBEKA UKUMISWA KWEZINKAMPANI EZITHINTEKA ENKOHLAKALWENI KA-NSFAS
UNSFAS usube sematheni isikhathi eside ngokwehluleka ukuhlinzeka abafundi ngendlela izimali zoxhaso lwabo nokuholela ekuphazamisekeni kokufunda kanye nokufundisa. Lezi zinkinga sezize zahoholele ekutheni uNgqongqoshe weMfundo ephakeme uDokotela Blade Nzimande ahlakaze ibhodi elengamele isikhwana…
INQOBE SEKUKHAHLELWA AMAPENADI ISUNDOWNS KOWENEDBANK CU
Ayikho evume ukugoba uphondo phakathi kwe University of Pretoria Kanye ne Mamelodi Sundown ku mdlalo we Nedbank cup quater final njengoba zishayane zaze zabukana ngo 1-1 ngisho nasesikhathini esengeziwe Sundown inqobe Sekukhahlelwa…
KUSHONE ABABILI ENGOZINI EBANDAKANYA IMOTO ETHUTHA IZIGULI NGASE-CEDARA COLLEGE
Ingozi ebephakathi kwemoto ethutha iziguli(Ambulance) kanye neloli idlule nemiphefumulo yababili kuN3 phakathi kwase Hilton Kanye nase Cedara College. Abezimo eziphuthumayo baphuthume endaweni yesigameko bafica iAmbulance ilimele ngendlela eyisimanga. Abagibeli batholakale besesimeni esibucayi,…
BAZOGCINWA ESITOKISINI ABASOLWA NGOKUBULALA UMDLALI WECHIEFS
Abasolwa abayisithupha ababoshelwe icala lokudunwa kwemoto nokubulawa kukaLuke Fleurs bavele eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort ngoLwesihlanu. UNdumiso Moswane, 26, Fernando Siva, 25, Nhlakanipho Dlamini, 21, Franky Xaba, 25, Maredi Mphahlele, 36, noThembinkosi Hlomikhawu, 31,…
BESABISA NGOKUGONYULUKA NGEZIMFIHLO ZIKAMASPALA ABASEBENZI BASE ALFRED DUMA ABANGENEME
Sekungusuku lwesithathu abasebenzi betoho baku maspala wase Alfred Duma abasebenzela eMnambithi bevuke umbhejazane bavala amasango angenela endaweni lapho besebenzela khona . Laba basebenzi betoho bathukuthele bangane unwabu ngesenzo sikamaspala sokuqasha abasebenzi abasha…
USEPHILA NGO R350 WESIBONELELO U”DUKE” WEBACKSTAGE
Abantu baseNingizimu Afrika bakhombisa ukuzwela umlingisi osemnkantshubomvu, uCarlo Radebe, ngemuva kokuzwa ngezinkinga zakhe zezimali. Umlingisi waseNingizimu Afrika uCarlo Radebe kubikwa ukuthi usebunzimeni. Ngokusho komunye wabangani balesi sihlabani, uCarlo – owayedlala indawo kaDuke…
AGWETSHWE IMINYAKA ENGU-15 AMASELA KAWOYELA ENYUKHASELA
Ababili sebeqalile ukudonsa izigwebo zabo ngokweba uwoyela ongahluziwe kanye nokuphazamisa ingqalasizinda ebalulekile. UBoitumelo Mathabatha noMcDonald Ndhlovu baboshwe ngoMsombuluko yiNkantolo yesiFunda yaseNewcastle. NgoJulayi 2021lezi zigila mhkuba zasebenzisa ipayipi ukuze bamunce amalitha angu-39 000…
UMPHAKATHI WASE-ESTCOURT UZITAPELE IZIMBUZI NGESIKHATHI ILOLI EBELIZITHWELE LIBANDAKANYEKA ENGOZINI
izolo ekuseni kushayisane iloli ebelithwele izimbuzi kanye neveni ebidonsa inqola emgwaqeni onguthelawayeka u-N3. Kulengozi kuthiwa kufe izimbuzi ezibalelwa eshumini. Ingozi yenzeke ngemuva nje kwase Midway Estcourt. Iveni ibidonsa inqola ebigcwele izingodo, iloli…
UGXEKE UHULUMENI KUKHUNJULWA U-CHRIS HANI
Namhlanje bekuphela iminyaka engamashumi amathathu nanye kwabulawa lowo owayeyingqalabutho yomzavalazo weNkululeko uChris Hani. Lesikhumbuzo besibanjelwe eGoli eKurhuleni eThoma Nkobi Memorial nokuyilapho angcwatshelwa khona. UHani wadutshulwa wabulawa ngalolusuku ngonyaka ka1993 ngowokufika wasePoland uJanus…
UGWETSHWE UDILIKA JELE OWESIFAZANE OWABULALA ISOKA LAKHE NGOKULISHISA NEMOTO
Ugwetshwe udilikajele owesifazane ngecala lokubulala isoka lakhe ngaphambi kokushisa imoto yalo KwaNongoma. INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ikhiphe lesi sigwebo ngoLwesibili. UNonjabulo Nkosi waqasha inkabi uXolani Mtambo ukuthi abulale umlingani wakhe kodwa wehluleka. Wabe…
KUBOSHWE ABAYISITHUPHA NGECALA LOKUBULALA UMDLALI WECHIEFS
AMAPHOYISA aseGauteng enze intuthuko ophenyweni lwawo lokubulawa komdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uLuke Fleurs, ngesikhathi kunesigameko sokudunwa imoto. Babophe abasolwa abayisithupha eSlovoville, eSoweto. Imoto yalo mdlali kanobhutshuzwayo yatholwa isicwiyiwe ngoMsombuluko. Okhulumela amaphoyisa aseGauteng…