UNSFAS usube sematheni isikhathi eside ngokwehluleka ukuhlinzeka abafundi ngendlela izimali zoxhaso lwabo nokuholela ekuphazamisekeni kokufunda kanye nokufundisa.
Lezi zinkinga sezize zahoholele ekutheni uNgqongqoshe weMfundo ephakeme uDokotela Blade Nzimande ahlakaze ibhodi elengamele isikhwana i-NSFAS wabe eseqoka lowo owayesikhulu sabacwaningi mabhuku(SAICA) kuleli uMnu Freeman Nomvalo njengoMlawuli.
Kwenzeka lokhu nje kusanda kwesula esikhundleni uSihlalo webhodi u-Ernest Khoza.
Inhlangano yabafundi ithi isithokozele kakhulu lesinqumo sokuhlakazwa kwalelibhodi inethemba lokhu kuzoletha uzinzo kuphinde kubuyise nesithunzi salesikhwama, baphetha ngokuthi uNgqongqoshe uBlade Nzimande kumele asule kulesikhundla njengoba konke lokhu bekwenzeka ngaphansi kwakhe.
Inhlangano elwa nokungasetshenziswa kahle kwemali yentela iOrganisation Undoing Tax Abuse( OUTA) yona ithi uMengameli kuzomele akhombe indlela uNzimande uma ngempela behambisana nenkohlakalo.