Abasolwa abayisithupha ababoshelwe icala lokudunwa kwemoto nokubulawa kukaLuke Fleurs bavele eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort ngoLwesihlanu.
UNdumiso Moswane, 26, Fernando Siva, 25, Nhlakanipho Dlamini, 21, Franky Xaba, 25, Maredi Mphahlele, 36, noThembinkosi Hlomikhawu, 31, babhekene namacala okubulala, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni, kanye nokubamba inkunzi.
Abasolwa kulindeleke ukuthi bafake isicelo sebheyili ngesikhathi bevela enkantolo ngoLwesihlanu oluzayo. Bonke abasolwa abayisithupha bakhethe ukufaka izicelo zabameli beLegal Aid.
Umshushisi woMbuso u-Arnold Limekhaya uthe umbuso uhlose ukuphikisa izicelo zebheyili.
“Sizoyiphikisa ibheyili,” etshela inkantolo, eveza ukuthi umbuso awukawatholi amaphrofayili ala madoda nezitatimende zawo zebheyili.
Lo mdlali wasemuva weKaizer Chiefs oneminyaka engu-24 ubudala ophinde adlalela iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika ngaphansi kweminyaka engu-23 ubudala udunwe wabulawa egaraji likaphethiloli eHoneydew ngoLwesithathu olwedlule.