Ababili sebeqalile ukudonsa izigwebo zabo ngokweba uwoyela ongahluziwe kanye nokuphazamisa ingqalasizinda ebalulekile. UBoitumelo Mathabatha noMcDonald Ndhlovu baboshwe ngoMsombuluko yiNkantolo yesiFunda yaseNewcastle.
NgoJulayi 2021lezi zigila mhkuba zasebenzisa ipayipi ukuze bamunce amalitha angu-39 000 kawoyela ongahluziwe epayipini lakwaTransnet.
UMathabatha noNdhlovu babaleka kodwa babuye baboshwa.
Okhulumela oKlebe eKZN uSibu Ncane uthe uTransnet ulahlekelwe imali elinganiselwa ku-R800,000 ngalokhu.
“UBoitumelo ugwetshwe iminyaka engu-15 ngecala lokweba kwathi amabili ngokuphazamisa ingqalasizinda ebalulekile wathola engu-15.
“UMcDonald ugwetshwe iminyaka engu-12 ngecala lokweba kwathi amabili ngokuphazamisa ingqalasizinda ebalulekile wathola iminyaka engu-12. Bobabili abasolwa kwathiwa abakulungele ukuba nezibhamu.”