izolo ekuseni kushayisane iloli ebelithwele izimbuzi kanye neveni ebidonsa inqola emgwaqeni onguthelawayeka u-N3. Kulengozi kuthiwa kufe izimbuzi ezibalelwa eshumini. Ingozi yenzeke ngemuva nje kwase Midway Estcourt.
Iveni ibidonsa inqola ebigcwele izingodo, iloli lithwele izimbuzi. Leli loli kuthiwa lishayise iveni ngesikhathi ilibangise eThekwini, ngokusho kwesikhulu se-N3 Toll Concession ebesisendaweni yesigameko. Ngemva kokuchezuka, iloli laphuma emgwaqeni lakhuphukela onqenqemeni. Lokhu kudale ukuthi izimbuzi ezilishumi okungezinye ezithwelwe yileli loli zifele khona lapho, kwase kuthi lezi ezingathintekanga zathwalwa ngelinye iloli zabuyiselwa emumva.
Ukwengeza, isikhulu sikuqinisekisile ukuthi umshayeli weloli uphuthunyiswe esibhedlela nge-ambulensi ngemuva kokuthola imihuzukwana. Abagibeli beveni baphume bengenamyocu.
Ekhuluma nephephandaba i-Estcourt News, obegibele iveni uthe, “Besilibangise eThekwini namhlanje ekuseni(izolo) ngesikhathi kwenzeka ingozi ngezithuba zabo-02:00. Ngenhlanhla akekho olimele ngakithi.”
Amaphoyisa abesendaweni yesigameko ukuze alawule ukuhamba kwezimoto, njengoba le ngozi idale isiminyaminya. Amasevisi okudonsa izimoto nawe-ambulensi nawo asabela. Kuzophenywa ngembangela yengozi.
Umphakathi obude buduze nalendawo azange uchithe sikhathi kodwa uzifikele mathupha wazitapela kulezi zimbuzi ezifele esigamekweni.