Ugwetshwe udilikajele owesifazane ngecala lokubulala isoka lakhe ngaphambi kokushisa imoto yalo KwaNongoma. INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ikhiphe lesi sigwebo ngoLwesibili.
UNonjabulo Nkosi waqasha inkabi uXolani Mtambo ukuthi abulale umlingani wakhe kodwa wehluleka.
Wabe esethola isibhamu ukuze ezombulala yena mathupha.
UMtambo unikezwe isigwebo esifanayo yinkantolo.
Amathambo kaDumisani Qwabe ashile atholakala emotweni yakhe emgwaqeni ophakathi kwaNongoma noPhongolo ngo-Okthoba 2021.
“UNkosi ugwetshwe eminye iminyaka emihlanu ejele ngecala lokweba,” kusho okhulumela i-NPA eKZN uNatasha Ramkisson-Kara.