Amaphoyisa athi abambe abantu abangaphezu kuka-300 ngamacala okubulala nokuzama ukubulala, KwaZulu-Natal ngoMashi. “Abasolwa abayikhulu namashumi ayisithupha nesikhombisa abasolwa ngokubulala nabasolwa abangu-137 bokuzama ukubulala bangabanye babasolwa abangu-3,156 ababoshelwe amacala abucayi,” kusho okhulumela amaphoyisa…
UMNYANGO WEZEMPILO UZOSABALALISA IMISHINI ESA-“ATM” EZOHLINZEKA NGEMISHANGUZO YOKUVIKELA UKUKHULELWA KULELI
Uhulumeni uhlola lokho akubiza ngokuthi uMshini Wezempilo Wokuzinakekela. Lolu hlelo luzohlolwa eMthatha Ultra City e-Eastern Cape. “Lemishini izohlinzeka ngemithi yokuvikela inzalo ephuthumayo, iphilisi lasekuseni, ukuvikela igciwane lengculazi, amakhondomu abesilisa kanye namakhondomu abesifazane….
BAWOTHA UBOVU ABASEBENZI BETOHO BASE ALFRED DUMA KUQHASHWA ABASEBENZI ABASHA BEKHONA
Abasebenzi betoho baku maspala wase-Alfred Duma abasebenzela eMnambithi bavuke umbhejazane bavala amasango angenela endaweni lapho besebenzela khona. Laba basebenzi betoho abebethukuthele bagane unwabu ngesenzo sikamaspala sokuqhasha abasebenzi abasha ekubeni bekhona njengabasebenzi abangaphakathi…
IBANYANA IFUNA UKUYA EPARIS NGESITAYELA
Iqembu lamantombazane akuleli adlala ibhola lezinyawo okuyi Banyana banyana, namuhla ayobe enomdlalo onzima nalapho ezobe ebhekene khona nezintombi zase Nigeria ku mdlalo wokuzibekisela indawo emdlalweni yama Olympic azoba kuwo lonyaka e Paris….
KUTHUNGATHWA OMUKE NAMANZI EBERGVILLE
UMndeni wakwaMsimanga eBhethany ngase Thokoza High School uthungatha Ilunga lomndeni walo uDumisa odume ngelika Killer oduke ngenkathi imoto ingena emanzini ngabo 12 emini ngesonto. UDumisa kubikwa ukuthi ubehamba nomalume wakhe ngesonto nokuyilapho…
KUFE ABANGU 90 EMOZAMBIQUE BEZAMA UKUBALEKELA ISIFO SECHOLERA
Bangaphezu kuka-90 abantu abashonile ngesikhathi isikebhe ebesiminyene sicwila ogwini olusenyakatho neMozambique, kusho iziphathimandla zendawo ngeSonto. Isikebhe esiguquliwe sokudoba, esithwele abantu ababalelwa ku-130, singene enkingeni ngesikhathi sizama ukufika esiqhingini esiseduze nesifundazwe saseNampula, kusho…
KUTHUNGATHWA ABABULALE UNOGADA ENYUVESI YASONGOYE
Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha abalisa abadubule babulala umqaphi wesikhungo esihlala abafundi eNyuvesi yaseZululand eMhlathuze. Kukholakala ukuthi abahlaseli abathathu begqoke i-balaclava bagasele emakotishi ngoLwesihlanu ebusuku. Baphuce abafundi ababili amalaptop namaselula kwelinye lamagumbi ngaphambi…
UMNYANGO USUNGULE ISIKHUNGO NGAPHAKATHI EMAJUBA TVET UKUZE KUBHEKANWE NEZINKINGA
UMnyango wezeMfundo ePhakeme ususungule isikhungo sokusebenza eMajuba TVET College ukuze uphendule izikhalo zabafundi, okuhlanganisa nokungakwazi ukubhalisa ngenxa yokushoda kwezikhala. Kungene izikhulu zeNational Student Financial Aid Scheme ukuzosiza abafundi. Lokhu kulandela umhlangano kaNgqongqoshe…
IYAQALA KUSASA UKUSEBENZA IMALI ENTSHA YASEZIMBABWE
IZimbabwe isimemezele ukwethula imali entsha ebizwa ngokuthi yiZimbabwe Gold (ZiG) ezoqala ukusebenza kusukela ngeviki elizayo ngoMsombuluko kulandela ukubhidlika kwedola leZimbabwe. Usibalukhulu webhanga elikhulu lezwe iReserve Bank of Zimbabwe uMnu John Mushayavanhu uthi…
KUSHONE OYEDWA KUQUBUKA UMLILO ENDLINI ENDAWENI YASELOSKOP ESTCOURT
Izolo ekuseni kuvele uthi kunesalukazi esishe sanqonqa nendlu endaweni yase Drycott eLoskop Estcourt KwaZulu-Natal, Ugogo uNtombikayise Zuma (77) ubehlala nomzukulu wakhe womfana yena osindile kulomlilo. Umndeni wakwaZuma usale dengwane ngoba kushe yonke…
U-ESKOM UNIKEZWE IGUNYA ELISHA LOKUCIMA UGESI KUZE KUFIKE KUSTAGE 16 UMA KUDINGEKA
Izinsuku ezimnyama nezimnyama ziseza njengoba iNational Energy Regulator of South Africa (Nersa) igunyaze imihlahlandlela emisha, evumela u-Eskom ukuthi aqalise ukucisha ugesi kusukela esigabeni 1 kuya ku-16. I-National Rationalized Specifications Association (NRS) ithumele…
UBONGE ABAVOTI UGATSHENI EHLABANA NGE QUANTUM
Ubonga akaphezi umculi kamaskandi uGatsheni kubalandeli kanye nabathandi bomculo wakhe abamenze wakhala wemuka nomklomelo weQuantum izolo ebusuku. Lomculi ongaconsi phansi kulezinsuku ngengoma yakhe iHit after hit ube ngomunye ovotelwe ngabalandeli ukuba bawine…