Iqembu lamantombazane akuleli adlala ibhola lezinyawo okuyi Banyana banyana, namuhla ayobe enomdlalo onzima nalapho ezobe ebhekene khona nezintombi zase Nigeria ku mdlalo wokuzibekisela indawo emdlalweni yama Olympic azoba kuwo lonyaka e Paris.
Lona ngumlenze wesibili njengoba owokuqala wawungesonto elendlule ngolwesihlanu khona e Nigeria nalapho okwanqoba khona yona Nigeria ngo 1-0 okwaba yi penalty yavalelwa phakathi ngu Rasheedat Ajibade. Lomuphumela usho ukuthi izona izintombi zase Nigeria ezizoyomela izwe lase Africa Uma kuwukuthi azidliwa namuhla noma zidlale ngokulingana loyo muphumela uyobe wanele kubona.
Ngakolunye uhlangothi ezika Desiree Ellis izintokazi zifuna ukuguqula amatafula namuhla zikhombise ukuthi kungani zingompetha base Africa. Bazosebenzisa nabo ithuba labo lokuba sekhaya njengoba Lomdlalo uzodlalelwa epitoli ligamenxe elesikhombisa (19:30)
Ululake umsebenzi ohlalele Nigeria ukungadliwa Kanti Banyana yona ngakolunye uhlangothi idinga ukunqoba ayi ngegoli elilodwa futhi ngoba lokho kuyobe kusho ukuthi kuyokhahlelwa ama penalty.
Lomdlalo uzodlalelwa Loftus Versfield Stadium