Abasebenzi betoho baku maspala wase-Alfred Duma abasebenzela eMnambithi bavuke umbhejazane bavala amasango angenela endaweni lapho besebenzela khona.
Laba basebenzi betoho abebethukuthele bagane unwabu ngesenzo sikamaspala sokuqhasha abasebenzi abasha ekubeni bekhona njengabasebenzi abangaphakathi kumaspala.
Labasebenzi baveze ukuthi kuqhashwe abasebenzi ababili kumnyango wabo bazoshayela imishini yokukhanda umgwaqo.
“Into esicasula kakhulu ukuthi umaspala awusihloniphi ulande indadavu yekhehla ezoshayela umshini le eNdaka ekubeni bathi uma kuzoqhashwa ngokugcwele bazoqala babheke ngaphakathi kuqala.” Kusho umsebenzi obengabambeki intukuthelo.
Labasebenzi baneminyake emibili Kuyangaphezu besebenza njengetoho e-Alfred Duma.
Bathi kungani uma kunamathuba kulandwe abantu eNdaka kodwa abantu base Ndaka abafuni kusebenze abantu abasuka ngase Mnambithi.
Baveze ukuthi babe nomhlangano nehhovisi lakwandaba zabantu “HR” kwamasipala kodwa bathi abanazo izimpendulo zokuqhashwa kwalabantu.
Kanti iphephandaba uThukela News Times liwabhalele umaspala licela uhlangothi lwawo kodwa kuze kwashaya isikhathi sokushincilela ungazange umphendule umaspala ngalolundaba.