IZimbabwe isimemezele ukwethula imali entsha ebizwa ngokuthi yiZimbabwe Gold (ZiG) ezoqala ukusebenza kusukela ngeviki elizayo ngoMsombuluko kulandela ukubhidlika kwedola leZimbabwe.
Usibalukhulu webhanga elikhulu lezwe iReserve Bank of Zimbabwe uMnu John Mushayavanhu uthi iZiG izothatha indawo yedola iZim dollar, izosekelwa yimali yakwamanye amazwe, igolide lokunye okuligugu okukhiqizwa kuleliyazwe.
Imali entsha izokwethulwa ngoMsombuluko ozayo ibiza u-13.56 iDola ngalinye lase-U.S. Kusukela mhla zi-5 kuMbasa wezi-2024, amabhange azoguqula ibhalansi yedola laseZimbabwe lamanje libe yimali entsha ezobizwa ngegolide leZimbabwe ukuze kube lula, ukuqiniseka, kanye nokubikezelwa kwezimali. kanye nezindaba zezimali. Imali entsha izosebenza ngokubambisana nezinye izimali zakwamanye amazwe kwezomnotho,” kusho uMushayavanhu.
Idola laseZimbabwe selilahlekelwe cishe izingxenye ezintathu kwezine yenani lalo uma liqhathaniswa neDola selokhu lethulwe kabusha ngonyaka odlule, nokwenyusa ukwehla kwamandla emali okukalwe ku-55.3% ngoMashi uma kuqhathaniswa nama-47.6% ngenyanga edlule.
Ukuze kuvikelwe intengo yemali entsha, uMushayavanhu uthe uzonciphisa ukubolekwa kwebhange elikhulu kuhulumeni, okuyimbangela yokwehla kwamandla emali okwagubuzela umnotho ngo-2008.
AKUKHO UMEHLUKO OMUNINGI
UGerald Mwandiambira oyisikhulu esiphezulu seSugar Creek Wealth uthe lesi sinyathelo ngeke senze umehluko omkhulu ezimpilweni zabantu abajwayelekile baseZimbabwe.
“Kubantu beZimbabwe abavamile lokhu kungenye nje imali ngoba inengi labo alisebenzisi imali yakuleli esetshenziswayo. Lokhu kubuye kukhulume lokumele kwenziwe yibhanga elikhulu lelizwe, okuwukubuyisela ukuzethemba kubo kanye lohulumende obasekelayo. Isibonelo nje, uhulumeni uqobo usebenzisa imali yakuleli njengemali yakhe yodwa njengendlela yokuvimbela i-hyper inflation njengemali engu-100 trillion dollar ababenayo eminyakeni emithathu edlule esifinyelela ku-300 dollars,” kusho uMwandiambira.
Wengeze ngokuthi empeleni le mali entsha ayisho lutho kubantu abaphansi kuze kube sekuphinde kwasungulwa ukwethembana phakathi kweBhange Elikhulu, abantu kanye nohulumeni.” Ezweni uma usebenzisa imali yakho kungcono ukuphatha umnotho wakho. esikhundleni sokusebenzisa imali yomunye umuntu futhi lokhu kumele kulungiswe ngokukhulu ukushesha.I-Central Bank idinga ukufakazela ukuthi bangakwazi ukugcina imali yaleli zwe yikuthi iZimbabwe idonse futhi yagcina imali yayo ngezikhathi ezinzima ,”uthe.