UMnyango wezeMfundo ePhakeme ususungule isikhungo sokusebenza eMajuba TVET College ukuze uphendule izikhalo zabafundi, okuhlanganisa nokungakwazi ukubhalisa ngenxa yokushoda kwezikhala.
Kungene izikhulu zeNational Student Financial Aid Scheme ukuzosiza abafundi.
Lokhu kulandela umhlangano kaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uBlade Nzimande nesigungu esimele abafundi kulesi sikhungo ngesonto eledlule.
Umnyango uhlela ukuphothula umsebenzi wawo ngoLwesihlanu.
“Ungqongqoshe angase athathe isinqumo sokuthumela ithimba kwamanye amakolishi noma kwezinye izifundazwe uma kunesidingo,” kusho okhulumela uMnyango uVeli Mbele.
Lokhu kulandela ukusinda kukubi kukaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande eshaywa ngamatshe abafundi baseMajuba TVET College e-Newcastle bethi bafuna imali yabo yeNSFAS.
Leli qulu labafundi lishaye izimoto ebezihamba uNzimande nethimba lakhe ngamatshe ngesikhathi enomhlangano kulesi sikhungo ngoLwesihlanu.
Kuthiwa kulamule amaphoyisa afike adedela izinhlamvu zenjoloba kubafundi abebevutha bhe ngolaka. Kuthiwa abafundi bebekhala ngokuthi izimali zokukhokhela izifundo zabo nezinye izidingo azikafakwa selokhu kwavulwa izikole.
Okunye okuthiwa kudine abafundi ukuthi kube nokusatshalaliswa kwezinsolo zokuthi uNzimande uyahlomula emalini yabo ekubeni bona bethwele kanzima.
Kulesi sigameko kunabafundi abalimele abaphuthunyiswe esibhedlela ukuze bayothola ukwelashelwa amanxeba ezinhlamvu zenjoloba.