Kubenengxabano phakathi kwabafundi basesikoleni iSihlahlasenkosi High School kwaNongoma eMusi eholele ekutheni omunye egwaze omunye wafa khona lapho izolo ekuseni. UThembelihle Zondi ugwazwe ngomunye umfundi ngemuva kokuqubuka kwengxabano egumbini lokufundela. Lomfundi ube esebaleka…
IKHANSELA LASETHOLENI NEMIDLALO EQOQA INTSHA EZITALADINI
Ikhansela LakuWard 34 ngaaphansi kukaMaspala i-Alfred Duma oThukela uMnumzane Mzuzwana Nkanyezi magasela Lithokozile ngendlela intsha yakuleward eyithokozele ngayo imidlalo ebeliyihlelile ngempelasonto. lemidlalo yebhola lezinyawo ibibandakanya amakilabhu angu-16 ezindawo ezingaphansi kwalewadi okuyindawo yaseTholeni,…
BAWOTHA UBOMVU ABALANDELI BE-ISENCANE LENGANE NGOKUSHIWO USIYACELA EMVA KWENGOZI
Abalandeli bohlelo lukaMoja Love, Isencane Lengane, olulandela impilo yezithandani ezashada zineminyaka engu-16 ubudala, bavutha bhe. Lolu hlelo oseluyisizini yesithupha lugxile emshadweni kaSiyacela noThando Dlamuka, abashade eminyakeni eyisithupha edlule futhi osenengane eneminyaka emibili….
UMSHOLOZI USAZOXOXA NETHIMBA LABAMELI BAKHR MAYELANA NOKUXOSHWA KWAKHE KU-ANC
Iqembu loMkhonto weSizwe lithi umholi walo uJacob Zuma uzoxoxisana nethimba lakhe labameli mayelana nokuxoshwa kwakhe ku-ANC. Lowo owayengumengameli unezinsuku ezingu-21 zokuphikisa ukuxoshwa kwakhe. Ukuxoshwa kukaZuma kuvezwe emaphepheni aputshuziwe aphethwe yiSABC. Imibhalo ikhombisa…
BABOSHWE BESESIBHEDLELA ABALISA BASELESOTHO ABANGO “ZAMA ZAMA”
Izakhamuzi ezimbili zaseLesotho okusolwa ukuthi zibandakanyeka ezenzweni zokumba ngokungemthetho eMashobota Farm ziboshwe esibhedlela iRob Ferreira ngemuva kokutholakala zinamanxeba okudutshulwa ngoLwesihlanu, zingama-26 kuJulayi 2024. Ngokwemininingwane, abasolwa ababili abaneminyaka engu-29 no-30 ubudala abangenazo izincwadi…
UVALWE THANQA UMGWAQO UHELPMEKAAR E-UITVAL EMNAMBITHI KUKHALWA NGAMANZI
Uvuke umbhejazane wavala umgwaqo ngamathayi avuthayo umphakathi wase-Uitval EMnambithi ukhala ngokuntula amanzi. Sekuphele izinyanga ezintathu lomphakathi ungenawo amanzi kanti nezimoto ezithwala amanzi azisezi. Ilungu lomphakathi elixoxe naleliphephandaba lithi lenkinga yamanzi indala futhi…
KUTHUNGATHWA ABABULALE ISISHOSHOVU SE-EFF KWAZULU-NATAL
Uyaqhubeka umsebenzi wokuthungatha ababulali besishoshovu se-EFF uMawethu Mathe eKZN. Okhulumela amaphoyisa e-SAPS esifundazweni uRobert Netshiunda uthi umsolwa, 45, udutshulwe esemzini wakhe eNteke, entshonalanga yeTheku ngoLwesine. Udutshulwe ekhanda. “Abasolwa abaziwa okwamanje kanti imbangela…
KUBANJWE ABOKUFIKA KULELI NOGWAYI ONGEKHO EMTHETHWENI ONGABIZA R1.5 MILLION.
Amaphoyisa aseFicksburg, esebenzisana nabakwaSARS, ashaqe ugwayi ongekho emthethweni abopha umsolwa oyedwa. Ngobusuku bangomhla zingama-25 kuNtulikazi wezi-2024, amalungu e-SAPS aseFicksburg athola ulwazi oluholwa ezobunhloli mayelana nokulethwa kukagwayi ongekho emthethweni owawuzoqhutshelwa kulelidolobha elisemngceleni wakuleli….
BAZOBUYISELWA KWELAKUBO ABABANJWE ENKAMBINI YAMASOTSHA ENGEKHO EMTHETHWENI EMPUMALANGA
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, uthi baphenya abanikazi benkambi ebiqeqeshelwa amasosha eMpumalanga, ngezinsolo zokuphambana nemithetho yezokuphepha ezimele.Uthe abantu abangu-95 baseLibya ababoshwe endaweni engaseWhite River ngoLwesihlanu bazodingiswa kodwa ngaphambi kokuthi kuphothulwe uphenyo. UMchunu ubekhuluma…
ASETHOLE UKUGXEKWA NGOKUBA NESANDLA ESIQINILE AMAPHOYISA ASE-KZN UMA EBHEKENE NEZIGELEKEQE
ASEPHINDE athola ukugxekwa amaphoyisa KwaZulu-Natal ngezinsolo zokudubulana nabasolwa ngokuba ngamalungu ezigelekeqe. Lokhu kuza ngemuva kokuthi abasolwa abangu-9 bengamalungu ezigelekeqe bedutshulwe babulawa ngamaphoyisa ezigamekweni ezintathu ezehlukene ezinsukwini ezine eThekwini naseMpangeni. Sfinyelele ku-40 isibalo…
I-EFF IZOSUSA EZIKHUNDLENI ABAHOLI ABEHLELWE AMAVOTI EZIFUNDAZWENI ZABO
Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema uthi iqembu lizobasusa ezikhundleni zobuholi ezifundazweni abaholi abahlulekile ukutholela leli qembu amavoti amasha okhethweni. Nokho uthi ubuholi baKwaZulu-Natal ngeke bube yingxenye yalabo abazogawulwa yizembe. UMalema…
UMNYANGO UZOPHENYA NGOMFUNDI OBELETHELE ENDLINI ENCANE ESIKOLENI ELIMPOPO
UMnyango wezeMfundo eLimpopo usuqale uphenyo ngemuva kokuthi umfundi webanga leshumi ebelethele ethoyilethi eMolautsi Secondary School eBloodriver, ngaphandle kwasePolokwane, eLimpopo. Lo mfundi, 16, ubelethe ngaphandle kosizo emagcekeni esikole. Umama wentombazane uthi yayinezinyanga eziyisikhombisa…