Umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uJulius Malema uthi iqembu lizobasusa ezikhundleni zobuholi ezifundazweni abaholi abahlulekile ukutholela leli qembu amavoti amasha okhethweni.
Nokho uthi ubuholi baKwaZulu-Natal ngeke bube yingxenye yalabo abazogawulwa yizembe.
UMalema utshele abalandeli bakhe emcimbini wokugubha iminyaka engu-11 kwasungulwa iqembu eKimberley ukuthi abaholi beqembu laseLimpopo, okuyisifundazwe adabuka kuso, bangabanye ababhekene nengwadla.
“Lawa maqabane aseKZN alwa; akubanga lula ukulwa nezinsiza ezilinganiselwe, ngobuningi baleso sifundazwe. Balwa, futhi akukho okuzokwenzeka kubo; basengabaholi be-EFF KwaZulu-Natal. Kodwa amaqabane aseLimpopo naseNorth West, kumele aziphendulele. Ikakhulukazi amaqabane eBojanala, silahlekelwa kanjani ngamavoti angu-25 000 eBojanala eNyakatho Ntshonalanga? Amanye amakhanda azogingqa esuka lapha; amakhanda agingqike eLimpopo; yingakho ubona ubuholi obusha.”