ASEPHINDE athola ukugxekwa amaphoyisa KwaZulu-Natal ngezinsolo zokudubulana nabasolwa ngokuba ngamalungu ezigelekeqe. Lokhu kuza ngemuva kokuthi abasolwa abangu-9 bengamalungu ezigelekeqe bedutshulwe babulawa ngamaphoyisa ezigamekweni ezintathu ezehlukene ezinsukwini ezine eThekwini naseMpangeni.
Sfinyelele ku-40 isibalo sabasolwa ababulewe ezigamekweni zokudubulana namaphoyisa kusukela ngo-Ephreli nonyaka.
Umcwaningi wodlame namaphoyisa uMary de Haas uthi, “Uma udubula nje abantu bafe awazi noma phakathi kwabo kukhona abantu abangenacala. Akulungile futhi bekungafanele ukuthi kwenzeke kwasekuqaleni uma amaphoyisa esebenza kahle. Ubungeke ube nezigebengu eziningi kangaka ezihlomile. Kungakho sineCrime intelligence. Kufanele bathathe lapho kukhona izibhamu, kufanele bakhiphe lolu hlobo lwento ukuze bagweme ukudubula.”