Abalandeli bohlelo lukaMoja Love, Isencane Lengane, olulandela impilo yezithandani ezashada zineminyaka engu-16 ubudala, bavutha bhe.
Lolu hlelo oseluyisizini yesithupha lugxile emshadweni kaSiyacela noThando Dlamuka, abashade eminyakeni eyisithupha edlule futhi osenengane eneminyaka emibili.
Kumasizini adlule uSiyacela noThando badlule ebunzimeni obuningi kusukela bezama ukuqondisa umshado bebancane, belwa nomndeni wakwaThabethe kwaze kwalahlekelwa uDlamuka owayenguyise kaSiyacela.
Esiqeshini sakamuva, obekungesokugcina kule sizini, abalandeli babone unina kaThando ekhuluma noSiyacela mayelana nokuphawula kwakhe esiqeshini esidlule.
USiyacela wayethe ufuna ukuthatha unkosikazi wesibili ngoba efuna into entsha nejabulisayo.
Ingxoxo phakathi kukaSiyacela nomamezala wakhe yashuba okwaholela ekutheni uThando akhale aze awushiye umuzi wakwaDlamuka. Esehambile uSiyacela wathatha imoto yakhe walibangisa lapho kukhona kohna uThando eyolanda khona indodana yabo eneminyaka emibili
Kamuva ababukeli bathola ukuthi ngesikhathi bebuya uSiyacela, umfowabo, uThando nendodana yabo babe sengozini. Ingozi yemoto ishiye imoto abebehamba ngayo ishile, kodwa ngenhlanhla baphume ngesikhathi.
Ngesikhathi ekhuluma uSiyacela uveze ukuthi ubenemicabango yokukhiya zonke izicabha zemoto uThando engaphakathi ukuze ashe ashonele emotweni.
Uphinde wathi ubengeke abe nandaba nokuthi kuzokwenzekani kuye kodwa ngokuhamba kwesikhathi wathi kukhona okumenze washintsha umqondo.