Uvuke umbhejazane wavala umgwaqo ngamathayi avuthayo umphakathi wase-Uitval EMnambithi ukhala ngokuntula amanzi.
Sekuphele izinyanga ezintathu lomphakathi ungenawo amanzi kanti nezimoto ezithwala amanzi azisezi. Ilungu lomphakathi elixoxe naleliphephandaba lithi lenkinga yamanzi indala futhi kudala bebekezele, “lenkinga yaqala ngo 2016 silokhu sizitshela ukuthi kancane kancane kuzolunga kodwa manje sekuvele kwaba yinkinga kakhulu. Into eyinkinga akekho umuntu osichazelayo ukuthi kwenzakalani.” kuchaza lesi sakhamuzi.
Lomphakathi uthi akukho moto ezodlula kulomgwaqo kuze kube bathola amanzi. Lolmphakathi uvale umgwaqo owaziwa ngokuthi yiHelpmekaar Road. Lomgwaqo yiwona ohlanganisa lendawo nedolobha uMnambithi, okwenza kuphazamiseke inqwaba yamabhizinisi kulendawo ikakhulukazi aKwasiGweje Centre okuyinxanxathela yezitolo ekuyo lendawo.