UMnyango wezeMfundo eLimpopo usuqale uphenyo ngemuva kokuthi umfundi webanga leshumi ebelethele ethoyilethi eMolautsi Secondary School eBloodriver, ngaphandle kwasePolokwane, eLimpopo.
Lo mfundi, 16, ubelethe ngaphandle kosizo emagcekeni esikole. Umama wentombazane uthi yayinezinyanga eziyisikhombisa ikhulelwe.
Eminyakeni edlule kuke kwabikwa izinga eliphezulu labafundi abakhulelwe kulesi sikole.
USuzan Xithlelani woMnyango wezeMfundo eLimpopo uthi uphenyo luzobheka ukuthi isikole besazi noma cha ukuthi umfundi ukhulelwe.
“Sizwile ngesigameko esenzeke eMulaudzi Secondary School; inkinga wukuthi abazange bawubikele umnyango ngomfundi okhulelwe, ngoba ngokujwayelekile bekumele bafake imininingwane yokukhulelwa kwabafundi ohlelweni lwabo lweSchool Administration Management System (SAMS) ukuze sazi abafundi abakhulelwe Mulaudzi, kodwa ngaphandle kwe-SAMS ne-EMIS ukusinikeza imininingwane esingayazi kodwa okwenziwa wumnyango wukubheka ukuthi ukhona yini uthisha owaziyo,” kusho uXitthelani.