UMeya kamaspala iAlfred Duma ucllr Zama Sibisi izolo uhambele indawo yaseNkunzi ukuyokwethula ngokusemthethweni ibhuloho. Lelibhuloho lacelwa ngumphakathi ngesikhathi somjikelezo weIDP ukhala ngezingqinamba obhekana nazo uma kuna imvula. USibisi uphinde wethula izinhlelo ezizolethwa…
IZOKWEHLA NGO 14 CENTS INTENGO KAPHETHILOLI NGO-AGASTI
Kulindeleke ukwehla kukaphethiloli kuleli ngo-Agasti yize noma uzokwehla kancane, kusho abe-Automobile Association (AA), abebephawula ngemininingwane engacwaningiwe yeCentral Energy Fund (CEF). Ngokwemininingwane ye-CEF, i-95ULP kulindeleke ukuthi yehle cishe ngo-14 cents/litha, bese kuthi u-93ULP…
KUDUTSHULWE ABEBEZAMA UKUDUNA IMOTO EMLAZI
KUBULAWE abasolwa abathathu abasolwa ngokuba ngamasela ezimoto eMlazi, eningizimu yeTheku. I-SAPS KwaZulu-Natal ithi owesifazane udunwe imoto ngoLwesihlanu ekuseni. Okhulumela amaphoyisa uRobert Netshiunda uthi amaphoyisa anikele endaweni yesigameko, okuholele ekutheni ajahe ngesivinini esiphezulu….
I-MK ITHI UNTULI WEHLULEKILE UKUCACASA UKUTHI UZOKWENZANI ENHLE ESIFUNDAZWENI
Iqembu loMkhonto weSizwe lithi uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, wehlulekile ukuchaza ukuthi uhulumeni wesikhombisa uhlela kanjani ukubhekana nezinkinga ezinzima. UNtuli wethule Inkulumo Yesimo Sesifundazwe ngoLwesibili. Ubale ubugebengu, izinsiza zezempilo, imfundo kanye nokuhlinzekwa kwezidingongqangi…
BAKHALA NGEMIGODI EGUJWA PHAMBI KWEZITOLO ZABO OSOMABHIZINISI BASEMNAMBITHI
Bakhala ezimathonsi osomabhizinisi basedolobheni eMnambithi ikakhulukazi abanezitolo emgwaqeni omkhulukazi eMnambithi uMurchison ngenxa yemigodi embiwa uMaspala wasoThukela phambi kwamabhizinisi abo. Labo somabhizinisi bathi sebethule isikhathi eside bengasho lutho ngalokhu kodwa manje sekuyenyukela. Bathi…
UFUNA KUBE NENKUNDLA YOKUXOXA NGOCANSI EZIKOLWENI UNGQONGQOSHE WEZEMPILO E-EASTERN CAPE
UNgqongqoshe wezempilo esifundazwe sase Eastern Cape uNtandokazi Capa uhambele isikole sase Ntabankulu esibenesibalo esiphezulu sabafindi abakhulelwe kulonyaka. Iskole i Zwelitsha Senior Secondary School sinabafundi abangu 27 abakhulelwe kulonyaka. Abafandi abangi 19 bayaziwa…
AVUMELENE NGOKUBAMBISANA UKULWA NAKUHLUKUNYEZWA KWBASIFAZANE NEZINGANE AMADODA ASEBERGVILLE
Abephume ngobuningi amadoda aseZwelisha eBergville lapho bekunesithangami sokuvala inyanga yamadoda uJuly. Iminyango kahulumeni eyahlukene ibikhona ukuzocebisa amadoda ngezinto ezahlukene ikakhulukazi owezimpilo obekuyiwo obohlola amadoda izifo ezahlukene. Kanti amadoda ase Zwelisha akhalekakhulu ngokwebiwa…
BAVALE ISIKOLE BEKHALA NGOKUBUYISWA KUKATHISHANHLOKO OSOLWA NGOKUNUKUBEZA
KUVALWE ukufunda nokufundisa esikoleni iMerchiston Preparatory School, eMgungundlovu ngoLwesine, abazali bebhikisha ngaphandle bekhala ngokuthi uthishanhloko abuyiselwe esikhundleni sakhe. Wamiswa ekuqaleni kukaSepthemba ngezinsolo zokunukubeza ngokocansi, aziphikile. Abazali bamashele emahhovisi oMnyango wezeMfundo ngoFebhuwari beyohambisa…
SEKUBOSHWE ABANGAPHEZU KUKA 700 NGOMKHANKASO KASHANELA
Umkhankaso we-Operation Shanela usubone sekubanjwe abasolwa abangaphezu kuka-700 000. Lolu hlelo, okuhloswe ngalo ukuqeda ubugebengu ezindaweni ezinabantu abaningi ezweni lonke, lwethulwa ngoMeyi 2023. Lapho enikeza ulwazi olusha ngemizamo yabo yokulwa nobugebengu esivinjweni…
UGWETSHWE UDILIKAJELE UMALUGAJU OBENUKUBEZA ABESIMAME EKLERKDORP
INkantolo eNkulu yaseNingizimu Afrika ehleli enkantolo yaseKlerksdorp igwebe uKabelo Anderson Tserema (43) udilikajele. Ugwetshwe odilikajele ababili ngamacala amabili okudlwengula, ayisishiyagalombili okudlwengula agwetshwe iminyaka eyishumi ecaleni ngalinye, amacala ayishumi nambili okugebenga agwetshwe iminyaka…
KUSHAQWE IZIDAKAMIZWA EZINGABIZA UR300 MILLION EGOLI
Amaphoyisa athi ashaqe izidakamizwa zenani lika-R300 million eFourways, enyakatho neGoli ase ehlenga usomabhizinisi obethunjiwe. Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier, u-Athlenda Mathe uthi lokhu ukuqhubeka kwecala abebelkhu beliphenya isikhashana “Ngomhla zi-5 kuJulayi, sasinosomabhizinisi owathunjwa…
BASALE ENKUNDLENI ABANTWANA BESIKOLE ENGOZINI YEBHASI NESITIMELA EMPUMALANGA
UNgqongqoshe wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi eMpumalanga uJackie Macie ushaqekile ukuzwa ngokudlula emhlabeni kwabafundi abayisithupha abashone izolo (31 July 2024) engozini yomgwaqo. Abafundi abayisithupha bashone ngesikhathi ibhasi abebehamba ngalo lishayisana nesitimela emgwaqeni u-R104 ngaseMafube…