Abephume ngobuningi amadoda aseZwelisha eBergville lapho bekunesithangami sokuvala inyanga yamadoda uJuly.
Iminyango kahulumeni eyahlukene ibikhona ukuzocebisa amadoda ngezinto ezahlukene ikakhulukazi owezimpilo obekuyiwo obohlola amadoda izifo ezahlukene.
Kanti amadoda ase Zwelisha akhalekakhulu ngokwebiwa kwemfuyo iweliselwe ezweni laseLesotho bese bengabe esakwazi ukuyoyilanda.
Aphinda akhala ngamathuba omsebenzi angakho kahle. Kodwa abe esecela usizo kwezolimo athi afuna ukwakha imifela ndawonye ukuze aqede indlala.
Avumelene ngokuthi ayikho indoda yase Zwelisha eyohlukumeza abasifazane nezingane nomangayiphi indlela uma ikhona komele umthetho uthathe indawo yawo ufuthi leyondoda izobe ingafanele ukuba eyase Zwelisha.
Obambele induna yaseZwelisha uMnuz Shabalala uthe ujabule kakhulu ukubona amandoda ehlangene exoxa ngezinkinga anazo emakhaya nasesizweni nje kuyiloyo naloyo eneka inkinga noku khathazeka kwakhe kungekho ohleka omunye kodwa kukhuthazwana lokho kumenze wabona ukuthi mukhulu umsebenzi okumele bawenze njenge zinduna ne khansela lendawo.
Kanti uMnuz Sanele Buthelezi uvumelene nenduna ukuthi kumele lesithangami basenze njalo wathi uyabonga kuwowonke amadoda aseZwelisha ngokuvuma ukuzoba nalesithangami nokuxoxa nje ngezinkinga zesizwe.
Uthi lokho okucelwe amadoda ukuthi bathole izonto zokulima ukuze baqede indlala naye uyakubona uzogijima kuphele isicathulo ukubatholela usizo wabonga nayoyonke iminyango kahulumeni ebekhona eZwelisha