Bakhala ezimathonsi osomabhizinisi basedolobheni eMnambithi ikakhulukazi abanezitolo emgwaqeni omkhulukazi eMnambithi uMurchison ngenxa yemigodi embiwa uMaspala wasoThukela phambi kwamabhizinisi abo.
Labo somabhizinisi bathi sebethule isikhathi eside bengasho lutho ngalokhu kodwa manje sekuyenyukela. Bathi UMaspala uzama ukulungisa inkinga yamanzi kanye namapayipi aqhumayo kulendawo okwenza ukuthi ugubhe phambi kwezitolo zawo. Omunye usomabhizinisi okhulume naleliphephandaba uthi abanankinga nokulungiswa kwamapayipi kodwa kuba yinkinga uma kuzogujwa phambi kwezitolo zabo maqede kushiwe kanjalo kungagqitshwa isikhathi eside.
“Kuyasilimaza thina bosomabhizinisi lokhu okwenzekayo, amapayipi agujwa phambi kwezitolo zethu maqede kushiwe kanjalo kuphele izinyanga, lapha nje phambi kwami sekuphele inyanga kugujiwe, kuyenzeka bafike abantu basoThukela, kube engathi khona abakwenzayo babuye bashiye kanjalo futhi banyamalale amaviki,” kuchaza omunye wosomabhizinisi.
Idolobha selibe nenkinga yokuqhuma kwamapayipi amanzi kanye nendle isikhathi eside, kweminye imigwaqo kuze kudingeke ukuthi osomabhizinisi benze icebo ukuze bakwazi ukuqhubeka ukusebenza. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, leliphephandaba labiko nesimo esingesihle esasibhekene nabasebenzi baseKFC kuLyell Street okwakudingeka ukuthi baze basebenzise izimfonyo ukuze bakwazi ukusebenza kahle ngenxa yephunga lendle eyayichitheke ngaphambi kwalesi sitolo.