KUVALWE ukufunda nokufundisa esikoleni iMerchiston Preparatory School, eMgungundlovu ngoLwesine, abazali bebhikisha ngaphandle bekhala ngokuthi uthishanhloko abuyiselwe esikhundleni sakhe. Wamiswa ekuqaleni kukaSepthemba ngezinsolo zokunukubeza ngokocansi, aziphikile.
Abazali bamashele emahhovisi oMnyango wezeMfundo ngoFebhuwari beyohambisa izikhalo.
Izimfuno zabo zihlanganisa uphenyo olunzulu ngalezi zinsolo kanye nokubuyiselwa ngokugcwele kwemisebenzi yesigungu esilawula isikole.
Basanda kuthola izindaba zokuthi uthisha omkhulu uzobuyela esikoleni namuhla kulandela ukuqondiswa kwezigwegwe.
Omele abazali uTshephiso Papo uthi bafuna izimpendulo emnyangweni.
“Ikhwelo libhekiswe eMnyangweni wezeMfundo esesiwuthinte izikhathi ezehlukene, engicabanga ukuthi iSGB nayo ike yaxhumana nawo, wukusho ukuthi singabazali asimfuni uthishomkhulu kulesi sikole.
Encwadini ebonwe abezindaba, umkhandlu omele isikole uthe isitshele ithimba layo lezomthetho ukuthi lilungise isicelo esiphuthumayo sokuvinjwa kwecala nokunye.
“Nathi sisanda kuthola isicelo sokuthi sihlangane nesikhulu soMnyango wezeMfundo ntambama. Okokugcina, siyakuqonda ukukhungatheka nokukhathazeka abazali nabasebenzi ababhekana nakho. Nathi sikhungathekile ukuthi i-DOE izishaye indiva zonke izincwadi zethu zakamuva futhi yenqabile ukuhlangana nathi kuze kube namuhla. Sikhuthaza abazali ukuthi baqinisekise ukuthi benza ngokusemthethweni ngaso sonke isikhathi,” kuphawula le ncwadi.