Amaphoyisa athi ashaqe izidakamizwa zenani lika-R300 million eFourways, enyakatho neGoli ase ehlenga usomabhizinisi obethunjiwe.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uBrigadier, u-Athlenda Mathe uthi lokhu ukuqhubeka kwecala abebelkhu beliphenya isikhashana “Ngomhla zi-5 kuJulayi, sasinosomabhizinisi owathunjwa endaweni yaseRoodepoort. Ithimba laqoqwa ngokushesha laqala ukusebenza ngaleli cala ukuhlenga isisulu. Esontweni eledlule, sibophe abasolwa ababili. Abasolwa babe sebesiholela lapho kutholakala khona izidakamizwa lapho sibophe khona abanye abasolwa abayisithupha ngoLwesithathu. Siphinde sathola izidakamizwa (crystal meth) zenani lomgwaqo elilinganiselwa ku-R300 million. Ngakho, izidakamizwa sazicosha ezindaweni ezahlukene eGoli.”
Izidakamizwa zenani lika-R300 mln ezishaqwe eFourways: u-Athlenda Mathe