UNgqongqoshe wezokuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi eMpumalanga uJackie Macie ushaqekile ukuzwa ngokudlula emhlabeni kwabafundi abayisithupha abashone izolo (31 July 2024) engozini yomgwaqo.
Abafundi abayisithupha bashone ngesikhathi ibhasi abebehamba ngalo lishayisana nesitimela emgwaqeni u-R104 ngaseMafube Village, phakathi kweWonderfontein ne-Arnot ntambama.
Ibhasi belithwele abafundi abalinganiselwa kwabangamashumi amathathu (30) baseMorneg School.
Kusolwa ukuthi ibhasi liwele ujantshi wesitimela ngesikhathi isitimela sesiseduzane, nokuholele ekulimaleni.
Abafundi abahlanu (5) bashone ujuqu, kwathi owesithupha washona ngenxa yokulimala ngesikhathi elashwa esibhedlela esiseduze.
Abangu-11 bathole imihuzuko emibi kwathi abanye abayishumi nanye (11) okuhlanganisa nomshayeli webhasi nomqhubi wesitimela bathola imihuzukwana.
UNgqongqoshe uthumela amazwi enduduzo emindenini ethintekile futhi ufisela labo abalimele ukululama okusheshayo.
Ucela ukuthi kwenziwe uphenyo olunzulu ngale ngozi futhi uthi umthetho kumele uthathe izintambo ukuze kujeziswe noma ngubani ozotholakala enephutha.
“Ngeke silahlekelwe yizimpilo zabantu abasha nezimsulwa kanje ngenxa yobudedengu, abantu kumele baziphendulele ngobudedengu babo.
“Abanikazi bezokuthutha abafundile nabanikazi bezithuthi zomphakathi kumele bahlole abashayeli ngaphambi kokuba babaqashe ukuze bazi ukuthi bakufanele ngempela yini ukwethenjwa abantu abathuthayo. Kumele baphinde babafundise, babahlole futhi baqeqeshe ukugwema lezi zigameko,” usho kanje.