OwayenguMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane useshiyile i-EFF. Ubuye wesula njengelungu lePhalamende. Encwadini ayibhalele iqembu, uthi uzoyishiya ipolitiki ayochitha isikhathi esiningi nomndeni wakhe. UMkhwebane ujoyine iRed Berets ngonyaka odlule ngemuva kokuxoshwa kwakhe yiPhalamende. Isinqumo…
UMPHAKATHI UTHI UZOLWISANA NOKUNIKEZELWA IBHEYILI KOBULELE ABOMNDENI
Umphakathi waseBergville uhambisana namaqembu ezepolitiki okuyi,ANC,IFP kanye ne APEMO bathi bazolwisana nokunikwa ibhayili loyo ogwaze wabulala amalungu omndeni wakhe eBergville. Bakusho lokhu njengoba bebephume ngobuningi babo bebhikisha ngaphandle kwenkantolo yemantshi kuleyandawo nalapho…
KUVUNDULUWE IZITOLO EZIDAYISA UKUDLA OKONAKELE EMNAMBITHI
IAlfred Duma Local Municipality ngaphansi komnyango wePlanning Human Settlement (DPHS), Local Economic Development behambisana nezomthetho bagasele ezitolo eziseMnambithi ukuyohlola ukuthi zisahambisana na nomthetho. Ezinhlanu izitolo bafice zingekho zingalandeli imigomo ezibekelwe wona abanikazi…
UNGIZWE UNQUMELE UNONTANDA KUBUKWA UGWAYI KATIKI
UNgizwe mchunu usexwayise umlisa ongunontanda kubukwa ogama lakhe linguMax Makhanya ngokuthi uzokubona okwehlisa ikati emthini uma engaxolisi ngakusho namuhla ngomculi kamaskandi olimele uBobo Umfana wepiki. uMacingwane, ubekhuluma nabalandeli bakhe enkundleni yokuxhumana uFacebook…
BATHUKUTHELE BAGANE UNWABU ABAZALI BABAFUNDI BASEDR JOSEPH SHABALALA ESICWILE EZIKWELETINI
Abazali babafundi besikole samabanga aphezulu iDr Joseph Shabalala banikele kulesikole osukwini lwanamuhla befuna izincazelo kuThishanhloko ngokungaqhubeki kokufunda kwabantwana kanye nokusebenza kwemali yesikole ngendlela engagculisi. Lesi sikole sibhekene nezinkinga zezezimali kanye nobuholi (SGB)…
KUXWAYISWA ABEZITOKUFELA NGOBUGEBENGU NJENGOBA KUZA AMAHOLIDI
Amaphoyisa akuleli anxusa umphakathi ukuthi uqaphele izigebengu namaqhinga okweba imali yezitokofela njengoba sekusondele amaholidi kaKhisimusi. Sekuvamisile ukuthi ngalesikhathi sonyaka kuqale imikhonyovu eyahlukene, lapho izigilamkhuba ziqola khona abantu imali abayisebenzele unyaka wonke. Kanti…
BAZOYIKHOTHA IMBENGE YOMILE ABAZOBANJWA “BESHAYA IMBUZI” KUMATIKULETSHENI KULONYAKA
Isikhulu esiphezulu somkhandlu Umalusi olawula imiphumela ka-matric kuleli, uMafu Rakometsi sesixwayise labo abazozama ukukopela, ukuthi bazoyikhotha imbenge yomile. Lomkhandlu ubambe isithangami nabezindaba ukudalula ukuthi isimo simi kanjani njengoba sekusele izinsuku ezingu-10 ngaphambi…
UNTULI UKHATHAZEKILE NGOKWANDA KWEZIGAMEKO ZOKUBULAWA KWABANTU E-KZN
UNdunankulu waseKZN uThami Ntuli uthi ukhathazekile ngokwanda kodlame esifundazweni.Kungemuva kokuthi kubulawe abanye abasolwa ababili abayamaniswa nokubulawa kwamalungu ayisikhombisa omndeni wakwaKhambule eHighflats enyangeni edlule esigamekweni sokudubulana kwamaphoyisa eMlazi ngoMgqibelo. Amaphoyisa athi aqoqe ezobunhloli…
SEKUKHISHWE ISIXWAYISO SOKUDUMA OKUBI KWEZULU EZINDAWENI EZAKHELE UMNAMBITHI
Izangoma zithi isimo sezulu esibi singase sihlasele eLadysmith, Newcastle, Bergville, naseWinterton. ISouth African Weather Service isikhiphe isexwayiso sokuduma kwezulu okunamandla kulezi zindawo, kanjalo naseDannhauser naseDumbe. Isangoma sezulu uThandiwe Gumede sithi umbani owedlulele,…
KUDUTSHULWE KWABULAWA AMALUNGU OMNDENI AYISIKHOMBISA E-ORANGE FARM
Kudutshulwe amalungu omndeni ayisikhombisa aseMokokotlong eOrange Farm. Umbiko uthu owesilisa ubeyothenga ubhiya endaweni ethengisa utshwala endaweni. Lomlisa kuthiwa ufike kuvaliwe wabe esengqongqoza. Umnikazi walendawo wabe esephendula ngokuthi makahambe ubanga isicefe, ube esemthembisa…
UMENGAMELI WEDLULISE AMAZWI ENDUDUZO EMNDENI WAKWAMBOWENI EVA KOKUDLULA EMHLABENI KUKAMNUMZANE TITO MBOWENI
Umongameli Cyril Ramaphosa Udabuke kakhulu ngokudlula emhlabeni kowayenguMbusi weBhange Lombuso laseNingizimu Afrika kanye noNgqongqoshe Wezabasebenzi Nezezimali uDkt Tito Mboweni eneminyaka engama-65. UMongameli Ramaphosa udlulisa amazwi enduduzo emndenini nakubangani bakaDkt Mboweni odlule emhlabeni…
KUTHUNGATHWA UMLISA OGWAZE WABULALA AMALUNGU OMNDENI WAKHE ANGU-5 EBHETHANI EBERGVILLE.
Amaphoyisa aseBergville aphansi phezulu athungatha umlisa okuthiwa ugwaze wabulala amalungu omndeni wakhe amahlanu ewasola ngokuthi ayamthakatha. Lesi sigameko kuthiwa senzeke izolo kusihlwa endaweni yaseBhethani kulo lelidolobha. Ngokusho kwabazibonele ngawabo bathi lomlisa uvuke…