Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UNGIZWE UNQUMELE UNONTANDA KUBUKWA UGWAYI KATIKI

Posted on 15 October 2024

UNgizwe mchunu usexwayise umlisa ongunontanda kubukwa ogama lakhe linguMax Makhanya ngokuthi uzokubona okwehlisa ikati emthini uma engaxolisi ngakusho namuhla ngomculi kamaskandi olimele uBobo Umfana wepiki.

uMacingwane, ubekhuluma nabalandeli bakhe enkundleni yokuxhumana uFacebook ntambama nje. UNgizwe uthi kunomlisa ozibiza ngoMax Makhanya odume kakhulu kuTik Tok ngokuba umlandeli kamculi kamaskandi uKhuzani Mpungose odelela oqhuba intwala ngewisa,”Kunalomuntu odelelayo okuthiwa uMax Makhanya, loyamuntu angazi nokuthi ngithini kuye kodwa into ayisho ngoBobo ayinabo ubuntu. lomuntu udelela wonke umuntu aze adelele inkolo yamaNazaretha,” kuchaza uNgizwe.

UMax Makhanya lo kuthiwe ungene kuTik Tok washiya angalazi kuBobo emva kwesigameko lapho eshawe khona umphakathi eGoli umsola ngokuntshontsha ingane yesiqashi sakhe. uMax uthe ufisa ngabe abantu bamshaye waze wafa uBobo,”ngizwile kuthiwa wena Bobo usuyakwazi ukuzwa uma kukhulunywa nawe lapho esibhedlela olele khonakuso. Sengikhuluma nawe ngqo ke manje, ngithi mina lesi senzo esenzeke kuwe sihle kakhulu ngabe kungcono ukube ufile, lomphakathi obukushaya wenze iphutha lokuthi ukushiye uphila. yikho nje phela ukuthi asisibona ababulali, kodwa uma kungathiwa sigqoka ingubo yokuba ngumbulali, wena kumele ngabe ufile,” kubhavumula lensizwa isho imchapha ngenkulu inhlamba lena uBobo.

UMchunu unqumele ugwayi katiki uMax ukuthi axolise,”ngikunika izinsuku ezintathu mfana wami ukuthi uxolise ngalento oyisho ngoBobo uphinde uxolise ngakho konke okubi ohlale ukusho,” kusho uNgizwe.

Nanoma engashongo ungizwe ukuthi uma kudlula izinsuku ezintathu engaxolisile lo mlisa kuzokwenzekani, kodwa ubebonakala ukuthi unengekile yisenzo salo nontandakubukwa.

4 thoughts on “UNGIZWE UNQUMELE UNONTANDA KUBUKWA UGWAYI KATIKI”

  1. Bongumusa says:
    20 October 2024 at 11:19 am

    Macingwane uhembe uyomcelela ku shembe lombhemu, uzodila naye ubaba ngoba usehlule.

  2. Rejoice says:
    20 October 2024 at 12:27 pm

    Uyakudinga ukujeziswa lomfo uyeyisa kakhulu

  3. Jabulile Ngxongo says:
    21 October 2024 at 10:57 am

    Ayi khona umakhanya ngane zakwethu kubi lokhu akwenzile fth akujabulisi sidalo,if ungumuntu engesona isilwane angeke ube nenzondo embi kangaka sengathi uyinyumba😭nathi siyibo abalandeli bakhuzani kodwa okwenzeke kubobo asikujabuleli sidalo inhlamba asithuke ngayo anamatheli fth angeke isenze singakwaz ukuphila uMkhanya Wenzel iphutha kakhulu okubuhlungu ukuthi isono zabazali bethu ziyowela kubantwana babo.😭

  4. Mbuka says:
    22 October 2024 at 1:11 pm

    Lomfo uhlaza igama lika khuzan kanye nathi siwuZulu noma ngabe udelela kanjani kodwa akudlalelwa kwa Shembe nasebukhosini bakwaZulu singadlala sisodwa njengabalandeli kodwa ukudelela ubukhosi noShembe

Comments are closed.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme