UNdunankulu waseKZN uThami Ntuli uthi ukhathazekile ngokwanda kodlame esifundazweni.
Kungemuva kokuthi kubulawe abanye abasolwa ababili abayamaniswa nokubulawa kwamalungu ayisikhombisa omndeni wakwaKhambule eHighflats enyangeni edlule esigamekweni sokudubulana kwamaphoyisa eMlazi ngoMgqibelo.
Amaphoyisa athi aqoqe ezobunhloli ukuthi abasolwa bebesendleleni yokuyokwenza isiko lokuhlanzwa endaweni.
NgeSonto ekuseni, amaphoyisa aseBergville abophe owesilisa okusolwa ukuthi ugwaze wabulala amalungu amahlanu omndeni wakwaKhoza eBethany.
Kulaba abashonile kubalwa izingane ezimbili eneminyaka emibili neyisithupha.
Umama kamsolwa oneminyaka engu-33 ubudala kanye nengane eneminyaka emine ubudala bathole amanxeba okugwazwa amaningi.
Udadewabo nengane yakhe enonyaka bakwazi ukubaleka ngesikhathi sesigameko.
UNdunankulu uNtuli ukugxekile ukuhlasela.
“Sinxusa abantu baKwaZulu-Natal ukuthi balwele ukuthula.
“Lapho kunokungaboni ngaso linye kumele bakwazi ukuhlala phansi baxazulule izinkinga.
“Siyawuncoma umphakathi okwazile ukubamba umenzi wobubi wanikela emaphoyiseni umenzi wobubi.”
Umsolwa waseBethany kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseBergville ngoLwesibili kanti ubhekene namacala amahlanu okubulala namabili okuzama ukubulala.