Amaphoyisa akuleli anxusa umphakathi ukuthi uqaphele izigebengu namaqhinga okweba imali yezitokofela njengoba sekusondele amaholidi kaKhisimusi.
Sekuvamisile ukuthi ngalesikhathi sonyaka kuqale imikhonyovu eyahlukene, lapho izigilamkhuba ziqola khona abantu imali abayisebenzele unyaka wonke.
Kanti namalungu ezitokofela ezahlukene aselungiselela ukuhlukanisa izizumbulu zemali asuke eyonge kusukela unyaka uqala.
Ukugwema izinkinga, amaphoyisa asenxenxe amalunga ezitokofela ukuthi ahlukane nokudalula imininingwane ebucayi nengabeka izimpilo zawo engcupheni futhi asebenzise amabhange ukuhlukanisa izimali zawo ukuze aphephe.