IAlfred Duma Local Municipality ngaphansi komnyango wePlanning Human Settlement (DPHS), Local Economic Development behambisana nezomthetho bagasele ezitolo eziseMnambithi ukuyohlola ukuthi zisahambisana na nomthetho.
Ezinhlanu izitolo bafice zingekho zingalandeli imigomo ezibekelwe wona abanikazi bazo bengenazo nezincwadi ezisemthethweni ezibagunyazayo okube sekuholele ekuvalweni kwazo.
Kulezi zitolo sibala iKing Stores e-illing road itholakale ingenazo izincwadi kanti futhi bebedayisa ukudla okudlulelwe yisikhathi.
EMnandi fish and Chips khona bebekhanda amagwinya nama chips ngamafutha adlulelwe sikhathi.
Badlulele eZama zama eSteadvillle babopha umnikazi wesitolo ongenazincwadi ezisemthethweni kwavalwanestolo sakhe.
IGabriel shop etsakane nayo ivaliwe khonake umnikazi westolo belala khona engenazo nezincwadi ezisemthethweni waboshwa.