Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

BATHUKUTHELE BAGANE UNWABU ABAZALI BABAFUNDI BASEDR JOSEPH SHABALALA ESICWILE EZIKWELETINI

Posted on 14 October 2024

Abazali babafundi besikole samabanga aphezulu iDr Joseph Shabalala banikele kulesikole osukwini lwanamuhla befuna izincazelo kuThishanhloko ngokungaqhubeki kokufunda kwabantwana kanye nokusebenza kwemali yesikole ngendlela engagculisi.

Lesi sikole sibhekene nezinkinga zezezimali kanye nobuholi (SGB) okwenza kungaqhubeki kahle ukufunda nokufundisa. IDr Joseph Shabalala kuthiwa inesikweletu soThukela okudala ukuthi kungabi bikho amanzi, sinenkinga yokungcola okuxakile okudalwa ngukungabi bikho kwabasebenzi abahlanza isikole ngoba ingekho imali yokubaholela, ukucekeleka kwesakhiwo okwenza singabi sezingeni elidingekayo ukuze kufundelwe kuso.

Kunebhasi elithengiwe ngenvumo kaThish’omkhulu elibiza +- 5000 000 nathi wavumela ukuthi lithengwe ukuze lithuthe izingane nokuyinto ekhathaza abazali ukuthi isikole singathi singekho ezimeni esihle sezezimali kushoda izinsiza kusebenza kodwa kube kuthengwa amabhasi kungani. uThishomkhulu ukhale ngokungabanjwa komhlangano IAGM Uthi abazali ngabe bayazi ngakho konke okuqhubekayo esikoleni okubalwa nakwezezimali, uyavuma ukuthi impela ibhasi likhona futhi liyasebenza, zikhona nezinye zezinto abazenzayo ukuthuthukisa lesikole okubalwa ukuqalwa kwemidlalo ehlukene.

Umgcini mafa walesikole uveze ukuthi lesi sikole sisebenza phezulu kwesikweletu njengoba kuthiwa sekunemali yabafundi abazobe beyoqala ukufunda ngonyaka ozayo esivele isisebenzile okuyinto ekhalisa kakhulu abazali ukuthi lokhu kusho ukuthi lezi zinkinga ababhekene nazo ngathi azikezukuphela uma kunje.

Abazali bacele ukuthi uThishanhloko athathe ikhefu ukuze kuzoqhubeka uphenyo ngokwenzeka kulesi sikole, bacela ukuthi isekela likaThishanhloko libambe ngalesi sikhathi ukuze kungaphazamiseki nokubhala kwabantwantwana kuze kube kubhekwana kahle naloludaba.

Recent Posts

  • UVELE ENKANTOLO OWESILISA OGWAZE WABULALA UGOGO WAKHE ONGABONI
  • AMA-2000 KUTHIWA YIWONA AHAMBA PHAMBILI NGOKUTHENGA IMIZI KULELI
  • KUSOLWA ABE X-REPO NGOKUSIZA OWAQOLA ISALUKAZI AYEQASHE EMZINI WASO
  • KUBOSHWE ABOKUFIKA BEBANJWA NEZITHUTHUTHU ZOKWEBIWA EGOLI
  • USENKINGENI UMDLALI WEKAIZER CHIEFS OKWELETA U-SARS UR6.1 MILLION

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme