Ilokhu iqhubeke njalo imidlalo yamaqoqo kwi-Africa Cup Of Nations ebanjelwe ezweni lase Ivory Coast njengoba manje seyifike esigabeni lapho sekudlalwa khona imidlalo yokugcina yama qoqo. Osokhaya okuyi Cote d’Ivoire ithelwe ngembudlu yehlazo…
UVALWE THANQA UMGWAQO ELIMEHILL UMPHAKATHI UKHALA NGAMANZI
Unqume ukuvuka ekuseni uvale umgwaqo umphakathi wasendaweni yaseLimehill naseTholeni kuWard 34 ngaphansi kukaMaspala i-Alfred Duma ukhala ngokungabi namanzi. Umgwaqo ohlanganisa i-Uitval kanye nedolobha iDundee onqamula phakathi kulezi zindawo ezimbili uvalwe ngezinguzunga zamatshe…
BANQUME UKUZAKHELA IBHULOHO ABAZALI BEZINGANE ZASE MATIWANE
Umhlangano wabazali nomphakathi wase Matiwane eNdingeni obungoMgqibelo uphume nesinqumo sokuthi kugcono bazilungisele bona ibhuloho. Umphakathi wase Ndingeni uvuke ekuseni izolo wayolungisa ibhuloho eliwelisa izingane ezifunda eVeyisi Primary School kanye nesenkulisa iNtokozo Yethu…
AKHULEKE NGAZWI LINYEAMAKHOLWA ECELA UKUTHULA KWIZINYANDEZULU NGENDLUNKULU
Ibe nezithelo ezinhle emphakathini wase Nquthu inkonzo ebeyihlelwe umkhandlu wase Mzinyathi, lenkonzo ibizokhulekela uzinzo, ukuthula, kanye nokubambisana eNdlunkulu kanjalo kanye nasezizweni sonke. Umkhuleko ubanjelwe eNtabeni iSandlwana ngaphansi kwamasipala waseNquthu. Kantilomkhuleko uhanjelwe Abantwana…
UMYANGO UTHOLE AMAGARAJI ANGU 70 KULELI ATHENGISA UDIZILI WOMGUNYATHI
Uphenyo olwenziwe wuMnyango Wezokumbiwa phansi kanye naMandla seluthole ukuthi amagalaji angu-70 kaphethiloli ezweni lonke adayisela amakhasimende udizili ongekho ezingeni lokuthengiswa. Lodizili okuthiwa uhlanganiswa noParaffin bese uyathingiswa, ubiza inani eliphansi kakhulu. UNgqongqoshe Wezimbiwa…
OSOLWAZI ABENEME NGENANI LABAFUNDI ABAPHASE NGEBACHELOR KUMATIKULETSHENI
Abafundi beBanga leshumi nambili bathole izinga lokuphasa lika-82.9%. USolwazi Vimolan Mudaly wase-UKZN uthi kuyakhathaza ukuthi bangu-40% kuphela abafundi abathole i-bachelor’s pass. “Ngicabange nje ukuthi ngizoxwayisa ngokuthi singawagubhi ngenjabulo la mazinga okuphasa. Kufanele…
UJOMO SIBIYA UTHI I-ANC ISAZOBUSA ABANTU ABEHLISE UMOYA
Amalungu angaphezulu kwezinkulungwane ezimbili 2000 ase Inkosi Bhambatha Region eMzinyathi izolo ahlanganyele ehhlolo lomphakathi I AV Makhoba eNquthu. Lembizo yeANC beyihanjelwe unobhala we ANC KwaZulu-Natal uiMnuz Bheki Mtolo. Lembizo isaqhubeka ekubungazweni kweminyaka…
LISHAYA IBUYA ELIKAMEYIWA NAMHLANJE
Icala lokubulala uSenzo Meyiwa lizoqhubeka eNkantolo eNkulu yasePitoli namhlanje ekuseni. Lokhu kulandela ukuthi ukugula komunye wabameli ngoNovemba nyakenye, nokwaholela ekutheni lolu daba luhlehle cishe izinyanga ezimbili. Abalisa abahlanu babhekene necala lokubulala owayengukaputeni…
UGILE IZIMANGA UTHISHA OSEMNCANE EKHIQIZA U100% EQALA NGQA UKUFUNDISA
Zilokhu ziqhamukile izincomo ngokwenza kahle kothisha abasebancane kwimphumela ka 2023. UNoxolo Hadebe odabuka eBergville eStulwane ofundisa eMpumalanga eWitbank esikoleni iKopanonong ungomunye wabakhiqize u100% kunyaka wakhe wokuqala efundisa isifundo se Accounting. Iphephandaba lithole…
IBAFANA BAFANA ITHELE INAMIBIA NGEHLAZO LIKA 4-0
IBafana Bafana iphendule amatafula ithela omakhelwane ngenduku iNamibia ngo 4-0 emdlalweni kaGroup E we-Africa Cup of Nations (Afcon) obuse-Amadou Gon Coulibaly Stadium, eKorhogo, ngeSonto ebusuku, izinike ithuba lokungena esigabeni somkhumulajezi. IBafana, eseyisendaweni…
BADIDEKILE ABAZALI KUPHASA ABATHATHU NGO 100% EBAMBAZI HIGH SCHOOL
Badunguza ebumyameni abazali nomphakathi wasendaweni yase Emmause ngabantwana abebefunda eBambazi High School eBergville , lokhu kuza ngemuva kokuthi kuphume imiphumela yabafundi ekhomba ukuthi kwabhala abantwana abathathu kwabe sekuphasa bona abathathu nokuholele ekutheni…
AZOKHULEKELA UKUTHULA NOKUBULAWA KWABAHOLI AMABUTHO ESANDLANE
Umaspala wese Nquthu, umkhandlu uMzinyathi kanjalo nendlunkulu kaZulu bahlele umkhuleko wamabutho ozoba sentabeni iSandlane ngomsombuluko. Umeya kamaspala waseNquthu ukhansela Innocent Lindokuhle Shabalala uthi inhloso yalomkhuleko ukucela izinyandezulu zivekele isizwe sikaZulu, ukubulawa kwamaKhosi…