Ilokhu iqhubeke njalo imidlalo yamaqoqo kwi-Africa Cup Of Nations ebanjelwe ezweni lase Ivory Coast njengoba manje seyifike esigabeni lapho sekudlalwa khona imidlalo yokugcina yama qoqo.
Osokhaya okuyi Cote d’Ivoire ithelwe ngembudlu yehlazo lwamagoli beshaywa yizwe lase Equatorial Guinea Ngamagoli 4-0 emudlalweni wabo Wokugcina wamaqoqo ,lokhu akujwayelekile ukuthi izwe elisingethe imidlalo lishaywe kanje, kwayona uqobo Ivory Coast ayikaze idliwe Ngamagoli angaka Uma idlalela ekhaya.

Kumanje ikusasa labo selise zandleni zabanye abantu ukuze bakhalele ukuthi bathole unombolo 3 owenze kancono eqoqweni labo.
Abanye abantu abaqhubekile nokungenzi kahle kulo mqhudelwano izwe lase Ghana njengoba lidlale ngokulingana 2-2 Nezwe lase Mozambique, ukudlala kwabo kanje kusho ukupakisha kwabo izikhwama bobabili njengoba begcine benamaphuzi amabili eqoqweni labo.
Izwe lase Egypt lindlule ngembhobo yenaliti ngemva komuphumela wabo wayi zolo bebhekane ne Cape Verde njengoba bedlale ngokulingana 2_2. Cape Verde iyona egcine iqhwakele kuleli qoqo ngamaphuzu 7 kulandele yona Egypt ngamaphuzu 3,endlulele ku last 16 ngaphandle kokuthi banqobe ngisho owodwa Umdlalo.
Amehlo athe njo namuhla kumaqoqo amabili nalapho okubhekwe khona ukuthi Amazwe amabili azokwenza njani okuyi Cameroon Kanye ne Algeria. Lamazwe Uma enganqobi namuhla lokho kuyobe kusho ukuthatha imithwalo yakho ugoduke.
Cameroon yona izobhekana ne Gambia ngo19:00 eneqanda ngo kwama phuzu njengoba yona Cameroon inephuzu elilodwa, omunye umdlalo okhona kuleli qoqo nge sikhathi esifanayo yi Guinea vs Senegal.
Kanti Algeria yona izobhekana ne Mauritania ngo 22:00 Namuhla. Algeria inamaphuzu 2 Kanti Mauritania yona ineqanda kuleli qoqo okuqwakele kulo Angola Kanye Burkina faso ngama phuzu amane nabo abazobhekana namuhla ngo 22:00.