USOMAHLAYA waseThekwini Simphiwe Shembe undizela phezulu kulezi zinsu njengoba egubha – iminyaka engu-20 endimeni yamahlaya kanti wenza namalungiselelo okushada nesinqandamathe sakhe, Samkelisiwe Khumalo.
Imithombo ithi uShembe usevele uvelile emndenini wakwaSamke KwaMaphumulo, kanti izinhlelo zomshado sezimi ngomumo, sekuze kwathunyelwa nezimemo njengoba kulindeleke ukuthi lomshado ube ekupheleni kwale nyanga.
Ubudlelwano balezi zithandani baphumela obala ngesikhathi sedili likaShembe elaligcwele izihlabani zokukhumbula iminyaka engamashumi amabili endimeni yamahlaya, lapho uSamke wethulwa khona kubangani bakhe abakhulu kanye nabalingani bakhe.
Ngesikhathi ethintwa yiphephandaba lesiZulu ILanga uShembe akafunanga ukunaba ngemininingwane kodwa waqinisekisa ukujabula kwakhe, wathi, “Lona ngunyaka omkhulu kimina. Ngisothandweni, futhi ngikulungele ukuba umyeni oqotho.”