Icala lokubulala uSenzo Meyiwa lizoqhubeka eNkantolo eNkulu yasePitoli namhlanje ekuseni.
Lokhu kulandela ukuthi ukugula komunye wabameli ngoNovemba nyakenye, nokwaholela ekutheni lolu daba luhlehle cishe izinyanga ezimbili.
Abalisa abahlanu babhekene necala lokubulala owayengukaputeni weBafana Bafana.
Umphenyi wamaphoyisa uBrigadier Bongani Gininda kulindeleke ukuthi abuyele ebhokisini. Ngonyaka odlule, ummeli wabasolwa ababili u-Advocate Thulani Mngomezulu wacela ukuba lihlehliswe iJaji uRatha Mokgoatlheng lavuma.
“UMnu Mngomezulu watshela inkantolo ukuthi akaphathekile kahle, futhi ngenxa yalokho uthi akakwazi ukuqhubeka nalolu daba kulo nyaka. Kodwa uthi uzobe ezizwa kahle ngonyaka ozayo uMasingana. Ngalezo zizathu le nkantolo ayinayo enye indlela ngaphandle kokuhlehlisa lolu daba.”
Ngaphambi kokuthi kumiswe ukuqulwa kwamacala ngoNovemba, uMngomezulu uphinde wabuyekeza udaba lwencwadi egunyaza ukuboshwa komsolwa wokuqala, uMuzi Sibiya, ukuze aphikisane nombuso. Lokhu kuvele ngesikhathi uMngomezulu eqhubeka nokuphekwa ngemibuzo umphenyi ophambili kuleli cala, uBrigadier Bongani Gininda.
“Sivumele abeluleki ukuthi baxazulule lolu daba kusukela izolo. Okwamanje sisenkantolo phakathi kwecala (mayelana nokuvunyelwa kwezitatimende zokuvuma izono). Umngane wami ofundile umatasa nezindaba eziphathelene necala elikhulu. Izinkinga zingahle zihlangane kodwa singajabula uma engase azibambele mathupha ezindabeni zecala ngesikhathi kuqulwa icala,” kusho u-Advocate George Baloyi.
Ngaphambi kokuthi lihlehliswe isikhathi eside uMngomezulu uphinde wanikezwa isikhathi sokuthi alungise amaphepha akhe ukuze aphekwe ngemibuzo emuva kokuthi edlulisele uGininda entweni eyayingaveli emqulwini ayewunikeze ufakazi.