Amaphoyisa aseMountain Rise aphenya icala lokubulala ngemuva kokubulawa kukamama nengane eMgungundlovu. Owesifazane okhulelwe nendodana yakhe eneminyaka engu-11 ubudala badutshulwe babulawa umsolwa ongaziwa ongene emzini wabo oseGlenwood ngeSonto.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uRobert Netshiunda, uthe ingane eneminyaka eyisithupha iyona kuphela esindile.
FUNDA: Kugwilize izingane ezimbili phakathi namahora angu-24 eKZN
“Ngesikhathi amaphoyisa efika endaweni yesigameko afice umyeni kamufi, owabikela amaphoyisa ukuthi ubikelwe ngesibhamu emzini wakhe, kuthe uma efika wathola isidumbu somkakhe sidindilize edamini legazi ekhishini.
“Uthole nokuthi indodana yakhe angayizali nayo idutshulwe yabulawa ekamelweni layo. Imbangela yokubulala ayikaziwa. Ukuthungathwa komsolwa kuyaqhubeka.”