Izingane ezimbili zishone kabuhlungu ezigamekweni ezehlukene phakathi namahora angu-24 eKZN. INational Sea Rescue Institute ithi umfana waminze olwandle eRichards Bay.
Okhulumela uMnyango uCraig Lambinon uthi onogada baseMhlathuze baqale ukuthungatha leli bhungu ngemuva kokubikwa ukuthi lilahlekile ngesikhathi libhukuda endaweni yaseBay Hall ngeSonto ntambama.
“Amaphoyisa abatshuzi bacwila endaweni yokusesha lapho bethole khona isidumbu sebhungu. Isidumbu sithathwe ngaphansi kophiko lwe-Forensic Pathology Services. Amaphoyisa avule idokodo lophenyo.”
Kwesinye isigameko, umfana oneminyaka emine ubudala ulahlekelwe yimpilo yakhe engozini eyenzeke endaweni yaseBlythedale ogwini olusenyakatho ye-KZN.
Yize kungakaziwa ukuthi kwenzekeni kule ngozi, imoto encane ebilayishe abagibeli abangu-12, kuthiwa igingqike emgwaqeni u-R74 ngeSonto ntambama.
USamantha Meyrick osebenza ne-IPSS Medical Rescue Services uthi abahambi bathole ukulimala okusukela kokuncane kuya kokubi kakhulu.
“Umfanyana oneminyaka emithathu ubudala uthole imihuzuko emaphakathi. Iziguli ziqiniswe yizinkonzo ezahlukene ngaphambi kokuba ziyiswe esibhedlela ukuze ziyothola usizo oluthe xaxa. Ngokudabukisayo, umfanyana oneminyaka emine kutholakale ukuthi ushonile endaweni yesigameko. “