Amalungu angaphezulu kwezinkulungwane ezimbili 2000 ase Inkosi Bhambatha Region eMzinyathi izolo ahlanganyele ehhlolo lomphakathi I AV Makhoba eNquthu.
Lembizo yeANC beyihanjelwe unobhala we ANC KwaZulu-Natal uiMnuz Bheki Mtolo. Lembizo isaqhubeka ekubungazweni kweminyaka eyi-112 iANC yasungulwa.
Umdidiyeli omkhulu weANC eMzinyathi uJomo Sibiya uthe ezakhe zidinga amabhasi angu 61 ukuze nazo zibalwe ekugcwalisenk i-Mabhida. uSibiya uthi phansi amaphaphu iANC isazobusa futhi isenamadla, amalunga awenze isiqiniseko sokuthi aphuma ngobuningi ashumayele ivangeli loku vota.
Kanti unobhala wenhlangano kulesifunda uLucky Khumalo uthi bazimisele ukukhulisa izibala kakhulu kunakuqala e-Inkosi Bhambatha futhi bazolishumayela ivangeli lokuthi abantu ababhalisele ukuvota baphinde ba vote futhi.
Kanti unobhala esifundazweni uMtolo yena uthi bonke abantu abathanda nabalandela I ANC abaphume baye Moses Mabhida bayozwa ukuthi umengameli uthini kubona ngomhlahlandlela wokhetho luka 2024.
Uphinde wathi uyazwelana nomphakathi wase Mzinyathi naso Thukela ngokuswela amanzi kodwa kube kunobuholi obuhola lemikhandlu.
Ucela umphakathi ukuthi awuke ucabange kahle ukuthi uyozikhulula kanjani kulenkinga yokuswela amanzi. Kanti akashiyanga ngaphandle eye Mk no Zuma uthi I ANC ayikaze futhi ngeke imxoshe u Zuma uzixoshe yena ngokungafuni ukuholwa nokuphathwa.