Kuqhume phezulu umkikizo ngenkathi umkhandlu wase-Inkosi Langalibalele Local Municipality oholwa uMeya uKhansela Mduduzi “Sobholenyoni” Myeza uthwesa uphaphe leGwalagwala abali-10 abebefunda uMatikuletsheni wangonyaka owedlule u2023 emcimbini obizwa phecelezi nge Matric Excellence Awards 2024…
KUBOSHWE OWESIMAME NGOKUQOLA USPAR IZINKULUNGWANE ZAMARANDI
Owayeyimenenja yezabasebenzi (HR) kanye nomlawuli weSuperspar e-Eastern Cape uvele eNkantolo yeMantshi yaseNew Brighton ngamacala amaningi okukhwabanisa, ukushushumbisa imali kanye nokwephula iSigaba 4 soMthetho Wokuvimbela Ubugebengu Obuhleliwe. UThobeka Dyam, 38, ubengumphathi wakwa-HR nomlawuli…
U-ANGIE MOTSHEGA WETHULE ICEBO LOKULWA NOKUKHULELWA KWEZINGANE EZIKOLENI
UNGQONGQOSHE wezeMfundo eyisiSekelo, uNkk Angie Motshekga, wethule ePhalamende umgomo womnyango wakhe mayelana nokuvimbela nokulawulwa kokukhulelwa kwabafundi ezikoleni. Lokhu kuhlaluke ngemuva kokuthi uSomlomo wePhalamende uNosiviwe Mapisa-Nqakula edlulisele lo mqulu wenqubomgomo ekomitini lezemfundo eyisiSekelo…
IKHUZA ABAFUNA UKUKHANKASA NGEMPI YASE SANDLWANE INKOSI YASE NQUTHU
Indawo yase Nquthu inomlando ojule kakhulu ikakhulukazi ngezimpi zikaZulu ngokwahlukana kwazo. Indawo yase Nquthu isingathe izimpi ezimbili ezinkulu emlandweni kaZulu, impi yase Sandlwane kanye nempi yase Ncome. Impi yase Sandlwane yango nyaka…
IBAFANA IZOGADULISANA NEMOROCCO ESIGABENI ESILANDELAYO
Izimbangi zaseNingizimu Afrika ku-Round 16 ku-Africa Cup of Nations eqhubekayo e-Ivory Coast seziqinisekisiwe ngemuva kokuthi u-Group F esonge imidlalo yawo yokugcina ngoLwesithathu kusihlwa. IBafana Bafana iqede ilele isibili kuGroup E idlula iNamibia…
BATHI BAZOLALA KHONA KWA ESKOM ABAKHALA NGOKUSWELA AMANZI
Umphakathi wasendaweni yaseSahlumbe kuWard 37 ngaphansi kukaMaspala i-Alfred Duma bagasele emahhovisi akwa-Eskom bephethe izingubo zokulala bathi bazimisele ukulala emahhovisi akhona kuze kube bayalungiselwa umshini odonsa amanzi endaweni yabo. Lamalungu omphakathi aqale agasela…
KUTHOLAKALE AMATHAMBO OMUNTU EMNAMBITHI
Amaphoyisa aseZakheni eMnambithi asekhiphe isimemezelo kunoma ngubani owalahlekelwa ngumuntu wangakutholakala ukuba beze ukuzokwenza ulibofuzo lokhu kulandela emva kokuba kutholakale amathambo omuntu endaweni yaseMbizeni ePieters ngesonto. Umphakathi ungaya esiteshini noma ungaxhumana noSGT WS…
AKAMENYWANGA UMAVUNDLA EMKHULEKWENI WE ABC EZOBA EMNAMBITHI
Iqembu Abantu Batho Congress (ABC)izobe inomkhuleko ngempelasonto esiya kuyo edolobheni lase Mnambithi e Civic Hall. Lomkhuleko uhlelwe yilo iqembu ABC eMnambithi. Ngokwemithombo ethembekile yaleli phephandaba uThukela News Times, lithole ukuthi umhleli wale…
IBAFANA ITHEMBISE UKUNENEBULA ITUNISIA KOWE-AFCON
Umdlali wasemuva uGrant Kekana udwebe isithombe sekhempu yeBafana Bafana egcwele ithemba ngaphambi komdlalo wabo wokugcina obalulekile kaGroup E we-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubekayo lapho izobhekana khona neTunisia e-Amadou Gon Coulibaly Stadium…
INDIDA UNGIZWE EPHAZANYISWA ETHULA INKULUMO
Sekuqubuke impikiswano mayelana nevideo ekhombisa lowo owayengumsakazi woKhozi FM nobuye azibize ngenkosi yamabhinca uNgizwe Mchunu ephazanysiswa ethula inkulumo. KuleVideo kubonakala uMchunu ethula inkulumo phambi kwesithangami sabezindaba nokuthi emva kwemizuzwana nje bese kutheleka…
UFAKAZI UZIVUMELE YENA UKUTHI NGUYE OWASHISA UMLILO OWABULALA ABANTU ABANGAPHEZU KUKA-70
Ikhomishini ephenya ngokusha komlilo waseMarshalltown izwe ukuthi leli bhilidi uSindiso liphethwe kanjani futhi lilawulwa abadayisa izidakamizwa. Lokhu kuvezwe ufakazi owayehlala kuleli bhilidi eladunwa cishe iminyaka emibili. Lona nguyena ovumile ukuthi nguyena oshise…
UNZIMANDE UFUNA KUVUNYELWE ABAFUNDI ABAKWELETAYO UKUTHI BABHALISE
UNGQONGQOSHE wezeMfundo ePhakeme, uBlade Nzimande, usenxuse amanyuvesi ukuthi avumele abafundi abaxhaswe yiNSFAS abanemali engakakhokhwa ukuthi babhalisele unyaka wokufunda ka-2024. UNzimande wethule umbiko mayelana nesimo sokulungela kwezikhungo zemfundo ephakeme ukwamukela abafundi ePitoli ngoLwesibili….