Ikhomishini ephenya ngokusha komlilo waseMarshalltown izwe ukuthi leli bhilidi uSindiso liphethwe kanjani futhi lilawulwa abadayisa izidakamizwa.
Lokhu kuvezwe ufakazi owayehlala kuleli bhilidi eladunwa cishe iminyaka emibili.
Lona nguyena ovumile ukuthi nguyena oshise ibhilidi elinezitezi ezinhlanu ngesikhathi ezama ukushisa isidumbu somuntu ayembulele.
Ikhomishana nokho inqume ukuthi ubufakazi obethulwe ngofakazi kulolu phenyo abuvumelekile futhi angeke busetshenziswe kubo yinoma yiluphi uhlaka oluphenya ngalo mlilo.
Lomlisa uthe ubesebenzela umuntu othengisa izidakamizwa ongomunye wabantu ababethatha irenti kuzakhamizi kulelibhilidi.
Uchaze leli bhilidi njengendawo yokwenza izinto ezingekho emthethweni kanti nezinsolo zokuthi baningi abantu abahlukunyezwayo babulawe kuleli bhilidi zikhona.
Ufakazi uphinde watshela ikhomishana ukuthi wakha ubudlelwano nomuntu okusolwa ukuthi ungumdayisi wezidakamizwa ukuze akwazi ukubhekana nenkinga ayenayo yokuba ngumhuqa wesidakamizwa icrystal meth.
Uthe wathenga uphethiloli washisa isidumbu ngosuku lwesigameko, engacabangi ukuthi abantu abangaphezu kuka-70 bazolahlekelwa yizimpilo zabo ngenxa yesenzo sakhe.
Uphinde wabhoboka wathsela lekhomishana ukuthi akakwazi ukulala ebusuku uhlushwa amaphupho amabi.