Indawo yase Nquthu inomlando ojule kakhulu ikakhulukazi ngezimpi zikaZulu ngokwahlukana kwazo. Indawo yase Nquthu isingathe izimpi ezimbili ezinkulu emlandweni kaZulu, impi yase Sandlwane kanye nempi yase Ncome.
Impi yase Sandlwane yango nyaka ka1879 yaveza umlando ojulile ngobukhosi baseNquthu ikakhulukazi bakwaNgobese nomlando wabo.
Isizwe sakwaNgobese eNquthu sikhumbule umlando waso nokhokho waso owabamba iqhaza elikhulu empini yaseSandlwane INkosi uMehlokazulu kaSihayo Ngobese.
INkosi uMehlokazulu wadlala indima enkulu emabuthweni nasekudidiyeleni impi eyayizobhekana namaNgisi eSandlwana ngomhlaka 22 kuMasingana 1879, leNkosi yaba ngomunye wabadidiyeli bebutho ababesekhaleni lempi bethunywa isilo uCetshwayo kaMpande isilo sasoNdini
Ngomsombuluku umkhandlu uMzinyathi kanye nomaspala waseNquthu babe nomkhuleko becela izinyandezulu zibusise ziphinde zivikele ubukhosi.
kanti inkosi yesizwe inkosi uThathezakhe Ngobese obethetha idlozi eNtabeni iSandlwane unxuse kwizinyandezulu ukuthi zibheke kakhulu ubukhosi, njengoba sekwabulawa amakhosi neziNduna zamakhosi uphinde wamemeza kakhulu kuzi nyandezulu ukuthi azithulise umsindo zivale nezinkantolo eNdlunkulu kaZulu kube nokuthula.
Kanti inkosi ithi kulomcimbi wangempela sonto yokukhunjulwa kwamaqhawe asala entabeni yaseSandlwane ucela osopolitiki bangakhankasi ngeSabatha kodwa bakhumbule umlando
” into yosopolitiki yikho nje ingaphumeleli ngoba banokwenzelela, bathatha amabhasi bagibeze abantu ngokobuqembu bakhohlwe lomgubho ungowabantu “kusho inkosi
Iveze ukuthi uma osopolitiki bezoza ngenhloso yokuyo khankasela amaqembu abo ngoba kubhekwe okhethweni ngamane bayeke kwalomcimbi ngoba bona njengesizwe banomlando ojulile ngempi yase Sandlwane
uDkt. Nomagugu Ngobese wenhlangano iNomkhubulwane uthi njengesizwe sakwaNgobese bayawazi kahle umlando nokubakuleka kwalomgubho wempi yase Sandlwane.