Iqembu Abantu Batho Congress (ABC)izobe inomkhuleko ngempelasonto esiya kuyo edolobheni lase Mnambithi e Civic Hall. Lomkhuleko uhlelwe yilo iqembu ABC eMnambithi.
Ngokwemithombo ethembekile yaleli phephandaba uThukela News Times, lithole ukuthi umhleli wale nkonzo uMnumzane Sabelo Sithole akazange amumeme uMengameli we ABC uMnumzane Philani Mavundla kodwa Kunalokho umeme uMnuz Bhungu Gwala oyimbangi kaMavudla kwi ABC.
Lenkonzo ezoba ingomgqibelo ehholo lase Mnambithi I Civic Hall izobe ihlanganise amalunga omphakathi, abefundisi osomatekisi kanjalo namalunga eABC.
Kanti uMnuz Sithole uthe vele abamumemanga uMavundla ngoba akasiye umengameli we ABC umengameli uthi uGwala owakhethwa emhlanganweni owawuse Mnambithi ngonyaka odlule.
uSithole uthi umphakathi waseMnambithi awuphume ngobuningi uzokhulekela izikhukhula.
Ngakolunye uhlangothi uMavudla uthi ubengazi ngenkonzo ehlelwe I-ABC yasoThukela futhi nesigungu esiphezulu se ABC naso asazi lutho asibikelwanga.
UMavudla uveze ukuthi kunezi nhlangothi ezimbili ku ABC khona uhlamgothi eliholwa nguGwala elingekho emthethweni bese kuba yilolu oluholwa nguyena. Uthi Cishe ibona abanze lenkonzo.