Kuqhume phezulu umkikizo ngenkathi umkhandlu wase-Inkosi Langalibalele Local Municipality oholwa uMeya uKhansela Mduduzi “Sobholenyoni” Myeza uthwesa uphaphe leGwalagwala abali-10 abebefunda uMatikuletsheni wangonyaka owedlule u2023 emcimbini obizwa phecelezi nge Matric Excellence Awards 2024 obuse-Apex Boutique ngoLwesithathu (Januwari 24).
Kulo mcimbi, uMeya uMyeza ubephelezelwa yiPhini lakhe uCllr Sithabiso Dladla, uSomlomo uSW Khumalo, iMenenja kaMasipala uSB Mthembu, amakhansela, izikhulu zikamasipala, othishanhloko nothisha, abamele uMnyango wezeMfundo, kanye nabafundi bakamatikuletsheni banyakenye.
Ethula inkulumo uMyeza ushayele ihlombe wahalalisela abafundi abayi-10 abahambe phambili nezikole ngokusebenza kanzima kwabo, “Ngiziqhenya kakhulu ngabafundi bethu abaphumelele ukuthola imiphumela encomekayo nabaphuma ezizindeni ezinzima kakhulu, kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani,” kusho uMyeza.
UMeya uphinde wancoma nothisha ngomsebenzi wabo omuhle oholele ekutheni abafundi bethole imiphumela Emile kanje.
Umfundi obaqwaqwade bonke emtshezi uNontokozo Mlaba ngaphandle kokuklonyeliswa ngeLaptop, iNdondo kanye neStifiketi uphinde wagqokiswa iJazi lemeya kanye neketanga lakhona wabe eseqhwakela esihlalweni sayo imeya, lokhu uMyeza ukwenze ngenhloso yokumhlonipha.
Sebebonke abalishumi abaphase kahle eMtshezi:
1.Mlaba Nontokozo
2.Sewraj Pranav
3.Nzimande Nontobeko
4.Mbatha Bongukwanda
5.Shairk Mohammed
6.Sigaqa Iviwe
7.Mazibuko Sakhile
8.Chikuangani Nyasha
9.Makhowane Nomfundo
10.Nyembe Luyanda
Education ziphasile izingane zethu kodwa lutho amabasaries kanye namalearneship nezikole azizitholi kwaze kwanzima eZweni lethu .sikhokha imali ku applaywa online kodwa lutho izikhala.saze sathwala kanzima kulelizwe lethu